Skip to Content

"ababehlala"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:11

Amadoda omuzi wakubo, amalunga nabakhulu ababehlala emzini wakubo, enza njengokuthumela kuka-Izebeli kuwo nanjengokulotshiweyo ezincwadini ayezithume kuwo.

1 iziKronike 2:55

Imindeni yababhali ababehlala eJabesi : ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.

1 iziKronike 4:40

Bafumana idlelo elivundileyo nelihle ; izwe lalibanzi nxazombili , lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.

2 iziKronike 26:7

UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti , nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni.

2 iziKronike 31:6

Abantwana bakwa -Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimv u nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo , bakubeka izinqwaba ngezinqwaba.

2 uSamuweli 9:12

UMefibosheti wayenendodana encane egama layo linguMika . Bonke ababehlala endlini kaSiba babe yizinceku zikaMefibosheti.

U-Ezra 4:17

Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula yokuthi: Ukuthula, nokuthi nokuthi.

UDuteronomi 2:22

njengalokho ebenzela abantwana bakwa -Esawu ababehlala eSeyiri , lapho ewachitha amaH ori phambi kwabo , bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube namuhla;

UDuteronomi 2:29

njengalokho bangenzela abantwana bakwa -Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e -Ari, ngize ngiwele iJordani , ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.

UHezekeli 37:25

Bayakuhlala ez weni engilinike inceku yami uJakobe , ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo , nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade.

UJeremiya 32:12

nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.

UJeremiya 44:1

Izwi elafika kuJeremiya ngabaJuda bonke ababehlala ezweni laseGibithe , ababehlala eMigidoli , naseThahipanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi , lathi:

UJeremiya 44:15

Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu , bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi:

UJoshuwa 22:33

Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa -Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu , ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi.

UNehemiya 13:16

AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nez impahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.

UNehemiya 4:12

Kwathi lapho abaJuda ababehlala eceleni kwabo sebefika , bathi kithi kayishumi, bevela ezindaweni zonke: Buyelani kithi.