Skip to Content

"ababusi"

19 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:24

Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,

2 iziKronike 32:9

Emva kwalokho uSaneheribi inkosi yase -Asiriya wathuma izinceku za khe eJerusalema wayephambi kweLakishi nab o bonke ababusi benaye kuHezekiya inkosi yakwaJuda nakuye wonke uJuda waseJerusalema, wathi:

AbAhluleli 5:14

Kwavela kwa -Efrayimi abampande yabo ikuma -Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho . KwaMakiri kwavela ababusi , kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.

IzEnzo 3:17

Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu.

IzEnzo 4:5

Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo,

KuThithu 3:1

Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla , balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,

KwabaseKolose 2:15

ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali waba thela ngehlazo obala , ebanqoba ngaso. Ukuxwayisa ngezifundiso zamanga

KwabaseRoma 13:3

Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle , kodwa kwabenza okubi . Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na ? Yenza okuhle , uyakubongwa yiwo;

NgokukaJohane 7:26

Bheka, ukhuluma obala , kabasho lutho kuye . Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?

NgokukaLuka 22:25

Wayesethi kubo : Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo , neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.

NgokukaMathewu 20:25

Kepha uJesu wababiza , wathi: Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.

UJeremiya 2:8

Abapristi abashongo ukuthi : U phi uJehova ? Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphamb uka kimi , abaprofethi baprofetha ngoBali , balandela okungenakusiza.

UJeremiya 33:26

ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka -Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.

UNehemiya 2:16

Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo ; futhi ngangingakabatsheli abaJuda , nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi.

UNehemiya 4:16

Kusukela kulolo suku inxenye yezinceku zami yasebenza emisebenzini , nenxenye yazo yaphatha imikhonto , nezihlangu, neminsalo, namabhantshi ensimbi; ababusi babe semva kwendlu yonke yakwaJuda.

UNehemiya 5:15

Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kw ami babebathwesile abantu , bathatha kubo isinkwa n ewayini kanye namashekeli angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu ; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

UZakariya 10:4

Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi , kuyena isikhonkwane , kuyena umnsalo wempi, kuyena bonke ababusi kanyekanye.

UZakariya 12:5

Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi : Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo.

UZakariya 12:6

Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu ; bayakuqeda bonke abantu n xazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo , iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.