Skip to Content

"abadlula"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 9:8

Noma le ndlu iphakeme kangaka , bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?

1 kwabaseKorinte 15:6

emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalw ane abadlula amakhulu ayisihlanu , iningi labo lisekhona nakalokhu , kepha abanye sebelele;

2 uSamuweli 20:12

U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo . Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema , wamgudluza u -Amasa emendweni , wamyisa ensimini , waphonsa ingubo phezu kwakhe , lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.

AmaHubo 80:12

Uzidilizeleni izintango zawo, baze bawukhe bonke abadlula ngendlela, na?

AmaHubo 89:41

Bonke abadlula ngendlela bayamphanga ; waba yihlazo kwabakhelene naye.

IsiLilo 2:15

Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe , bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?

IzAga 9:15

ukuba ameme abadlula endleleni, abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi:

UHezekeli 39:15

Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu , bayakumisa isiboniso eceleni kwalo , abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni Gogi.

UJeremiya 18:16

benze izwe labo libe yisimangalis o nento encimfelwayo njalo ; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.

UJeremiya 19:8

Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo ; bonke abadlula khona bayakumangala , bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.

UJeremiya 50:13

Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu , kepha liyakuba yincithakalo lonke ; bonke abadlula eBabele bayakumangala , bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.

UJobe 21:29

Anibuzanga abadlula endleleni, nibazi ubufakazi babo

UNumeri 3:46

Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwa-Israyeli abadlula amaLevi,

UNumeri 3:49

UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi;

UZefaniya 2:15

Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile , owathi enhliziyweni yawo : Mina ngikhona , akakho omunye ; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane ! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa , banikine isandla sabo.