Skip to Content

"abafokazi"

21 occurrences in ZUL

1 iziKronike 22:2

UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa - Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.

AmaHubo 146:9

UJehova uyalondoloza abafokazi ; uyaphasa intandane nomfelokazi ; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.

IsiLilo 5:2

Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.

Kwabase-Efesu 2:19

Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi , kodwa senim buso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,

NgokukaMathewu 27:7

Benza icebo , bathenga ngayo insimu yombumbi , ibe ngeyokumbela abafokazi.

U-Eksodusi 21:8

Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi , njengokuba isiphathe ngenkohliso.

U-Isaya 25:2

Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba , nomuzi obiyelweyo wab a yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi , ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.

U-Isaya 61:5

Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu , abafokazi babe ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu.

U-Obadiya 1:11

Ngosuku owema kude ngalo , ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe , benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.

UHezekeli 16:32

wena mfazi ophingayo, othatha abafokazi esikhundleni sendoda yakhe.

UHezekeli 22:29

Abantu bezwe bacindezele nokucindezela , baphangile nokuphanga , yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo , bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.

UHezekeli 28:7

ngalokho bheka , ngiyakukwehlisela abafokazi , abesabekayo bezizwe ; bayakuhoshela ubuhle bokuhlakanipha kwakh o izinkemba zabo , bangcolise ukukhazimula kwakho.

UHezekeli 31:12

Abafokazi, abesabekayo bezizwe , bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini , nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya.

UHoseya 7:9

Abafokazi badlile amandla akhe , kepha yena akazi ; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.

UJeremiya 22:3

Usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , ningoni, ningadluzuli abafokazi , nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.

UJeremiya 30:8

Kuyakuthi ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa,

UJeremiya 51:51

Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba ; amahloni asibekela ubuso bethu , ngokuba abafokazi bangenile ezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.

UJobe 31:32

abafokazi kabalalanga phandle, ngavulela izihambi iminyango yami --

UJoshuwa 8:33

Bonke abakwa -Israyeli namalunga abo , nezinduna zabo , nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongo lo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova , abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu , inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile , ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.

UJoweli 3:17

Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wen u engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele ; iJerusalema liyakuba ngcwele , abafokazi abasayikulidabula.

UMalaki 3:5

Ngiyakusondela kini ukwahlulela , ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi , nangeziphingi, nangabafunga amanga , nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo , nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi , bengangesabi mina, usho uJehova Sebawoti.