Skip to Content

"abahlala"

16 occurrences in ZUL

2 iziKronike 19:10

Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

AmaHubo 84:4

Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela

U-Amose 3:12

Usho kanje uJehova , uthi: Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe , kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa , abahlala eSamariya ezingosini zezihlal o naphezu kwezingubo zikasilika zemibhede.

U-Isaya 33:24

Abakhe khona abayikusho ukuthi : Ngiyagula, abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.

U-Isaya 65:4

abahlala emathuneni , balale ezindaweni ezisithekileyo , badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,

UDuteronomi 2:4

Yala abantu ngokuthi : Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,

UDuteronomi 2:8

Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yase -Araba, ne-Elati, ne-Esiyoni Geberi. Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.

UHezekeli 12:19

uthi kubantu bezwe: Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa -Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba , baphuze amanzi abo n gokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa , laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.

UHezekeli 38:11

Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile , bonke abahlala bengenalugange , kungekho kubo imigoqo nezicabha,

UHezekeli 39:9

Abahlala emizini yakwa -Israyeli bayakuphuma , baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, izihlangu namahawu , iminsalo nemicibisholo , nezinduku, nemikhonto, benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa.

UJeremiya 20:6

Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa ; uyakufika eBabele , kepha uyakufela khona , umbelwe khona , wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga. Ukukhala kukaJeremiya

UJeremiya 29:16

Ngokuba usho kanje uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide nangabo bonke abantu abahlala kulo muzi , abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni,

UJeremiya 44:13

Ngiyakubajezisa abahlala ezweni laseGibithe , njengalokho ngilijezisile iJerusalema, ngenkemba, nangendlala, nangesifo,

UNumeri 13:19

nokuthi izwe abakhe kulo linjani , noma lihle noma libi , nokuthi imizi abahlala kuyo injani, noma ngamakamu noma yizinqaba,

UNumeri 23:9

Ngokuba ngisesiqongweni samadwal a ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe.

UZakariya 3:8

Ake uzwe , Joshuwa, mpristi omkhulu , wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho , ngokuba bangabantu abayisibonakaliso : bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.