Skip to Content

"abakhethiweyo"

20 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:21

URehobowamu es efikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili , amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.

1 iziKronike 16:13

nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe , nina bantwana bakaJakobe , abakhethiweyo bakhe.

1 uSamuweli 24:2

USawule wayesethatha abantu abayizinkulungwane ezintathu abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli, wahamba ukumfuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo.

1 uSamuweli 26:2

USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwa - Israyeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane.

2 iziKronike 11:1

URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili , amabutho, ukuba balwe no -Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.

2 iziKronike 13:3

U-Abiya waqala ukulwa enempi yamaqhawe anamandla , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu amane , kepha uJerobowamu wahlela ukulwa naye enabantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili , bengamaqhawe anamandla.

2 uSamuweli 6:1

UDavide wabuye wabutha bonke abakhethiweyo bakwa -Israyeli, izinkulungwane ezingamashumi amathathu.

AbAhluleli 20:34

Kweza malungana neGibeya abantu abayizinkulungwane eziyishumi abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli; ukulwa kwakunzima, kepha babengazi ukuthi ingozi isifikile kubo.

AmaHubo 105:43

Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula , abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.

AmaHubo 105:6

nina nzalo ka -Abrahama inceku yakhe , nina bantwana bakaJakobe , abakhethiweyo bakhe.

KwabaseRoma 11:7

Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,

KwabaseRoma 8:33

Ngubani ozakuman galela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na ? UNkulunkulu ungolungisisayo;

NgokukaLuka 18:7

UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?

NgokukaMarku 13:22

Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga , benze izibonakaliso nezimangaliso , ukuze badukise abakhethiweyo , uma kungenzeka.

NgokukaMarku 13:27

Lapho iyakuthuma izingelosi , iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.

NgokukaMathewu 22:14

Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo. Intela kaKesari (Mark. 12:13; Luk. 20:19)

NgokukaMathewu 24:31

Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo , ziqoqe abakhethiweyo b ayo emimoyeni yomine , kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

U-Isaya 43:20

Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlan e nemifula kwahlongasib i ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,

U-Isaya 65:9

Ngiyakuveza inzalo kuJakobe , nendlalifa yezintaba zami kuJuda ; abakhethiweyo bami bayakulidla, nezinceku zami ziyakwakha khona.

UDaniyeli 11:15

Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma , nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.