"abampofu"
60 occurrences in ZUL
Noma ngabela abampofu konke engina kho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
njengokuba kulotshiwe ukuthi : Wahlaphaza, wapha abampofu ; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.
Uyaphana, uyabanika abampofu ; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.
Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo ; abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli.
Yizwani, bazalwane bami abathandekayo . UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?
Njengengoyama ebhongayo nebhere elihahayo, unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso , isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemb a namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.
Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.
wayengumuntu okholwayo nowesaba uN kulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.
yathi: Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho , nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.
Wayigqolozela enokwes aba, wathi: Kwenze njani , Nkosi? Yathi kuye : Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.
EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha , okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa ; yena wayenemisebe nzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.
kuphela ukuba sikhumbule abampofu , eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza. UPawulu walwela ivangeli emelene noPetru e-Antiyokiya
Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase -Akhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile.
Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?
Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.
Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.
Kepha abanye bacabanga ukuthi , ngokuba uJuda ephethe isikhwama , uJesu uthi kuye : Thenga esikuswele emkhosin i, noma ukuthi kabele abampofu okuthile.
Thengisani ngeninakho , niphe abampofu ; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini , lapho kungasondeli sela , kungoni nundu khona.
Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;
Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo . Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe : Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi , ungenise lapha abampofu , nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.
UJesu ekuzwa lokho wathi kuye : Usasilalelwe into inye : thengisa ngakho konke onakho , wabele abampofu , khona uzakuba negugu ezulwini ; uze ungilandele.
Kodwa uZakewu wa sukuma, wathi eNkosini : Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami ; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.
Yaphendula, yathi kuwo: Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi : Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa , izithulu ziy ezwa, abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
UJesu wayesembheka , emthanda, wathi kuye : Usasilalelwe into inye ; hamba uthengise ngakho konke onakho , uphe abampofu , khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.
Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiw e ngawodenariyu abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu. Bamthukuthelela kakhulu.
Ngokuba abampofu ninabo njalo ; nanini, uma nithanda , ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo.
Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa , abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
UJesu wathi kuye: Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.
ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.
Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.
Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi , bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye , ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,
Yizwani leli zwi , nina zinkomo zaseBashan i enisentabeni yaseSamariya , enicindezela abaphansi , enichoboza abampofu , enithi emakhosini enu : Lethani, siphuze.
Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziwey o aniyikuhlala kuzo , nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.
Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu zining i nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo , namukela umvuzo , nenichezukisa abampofu esangweni.
Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,
ukuze sithenge abampofu ngesiliva nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo, sithengise ngamahlunge kakolweni.
kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle ; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle ; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.
ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni , nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho , ukuze abafelokazi babe yimpango yabo , baqhwage izintandane.
Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga , anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba , awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe , abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi , kepha awakho , nolimi lwabo luphele ukoma ; mina Jehova ngiyakubaphendula , mina Nkulunkulu ka - Israyeli angiyikubashiya.
Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho , nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho , nokwembesa ohamba ze , lapho umbonayo , nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?
Nokho ngabe kungabikho abampofu kuwe, ngokuba uJehova uyakukubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle,
icindezela abampofu nabaswelayo , iphanga nokuphanga , ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;
ingacindezeli muntu , ingamukeli isibambiso , ingaphangi nokuphanga , kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo.
Abantu bezwe bacindezele nokucindezela , baphangile nokuphanga , yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo , bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.
Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.
Ngokuba ucindezele , washiya abampofu ; uhlwithile indlu , angabuye ayakhe.
Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kumfowenu , wahlubula abampofu izingubo zabo.
Bafuzula abaswelayo endleleni; abampofu bomhlaba bacasha ndawonye.
Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalay o kanye nentandane engenamsizi.
Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na? Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?
Uma nginqabele abampofu abakufisayo , ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.
Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo , yebo, abampofu esandleni sonamandla.
Awuyikukhothoza isivini sakho , ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi ; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Nxa nivuna isivuno sezwe lakini , awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho , ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho ; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.