Skip to Content

"abancane"

21 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 30:2

athumba abesifazane ababe phakathi , abancane nabakhulu engabulalang a muntu, abamukisa, ahamba indlela yawo.

1 uSamuweli 5:9

Kwathi sebewususele khona , isandla sikaJehova sasiphez u kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu , wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu ; kwaqhamuka amathumba kubo.

2 AmaKhosi 14:26

Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla , kungekho omsizayo u - Israyeli.

2 AmaKhosi 23:2

Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

2 AmaKhosi 25:26

Abantu bonke , abancane nabakhulu , nezinduna zempi basuka baya eGibithe, ngokuba besaba amaKaledi.

AmaHubo 115:13

Uyakubusisa abamesabayo uJehova, abancane nabakhulu.

AmaHubo 137:9

Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho, abaphahlaze edwaleni.

IsAmbulo 11:18

nezizwe zazinolaka , kepha kwafika ulaka lwakho , nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo , nokunika umvuzo izinceku zakho , abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho , abancane nabakhulu , nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.

IsAmbulo 13:16

Senza futhi ukuba bonke , abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo

IsAmbulo 19:18

ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo , nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.

IsAmbulo 19:5

Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi , lithi: Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.

NgokukaMathewu 25:40

Isiyakuphendula iNkosi , ithi kubo : Ngiqinisile ngithi kini , njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.

UDuteronomi 1:39

Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango , nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona , balidle.

UJeremiya 14:3

Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini ; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.

UJeremiya 42:1

Zase zisondela zonke izinduna zempi , noJohanani indodana kaKhareya , noJezaniya indodana kaHoshaya, nabantu bonke abancane nabakhulu,

UJeremiya 42:8

Wayesembiza uJohanani indodana kaKhareya , nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu abancane nabakhulu, wathi kubo:

UJeremiya 48:4

UMowabi uchithekile; abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.

UNumeri 14:31

Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango , bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.

UNumeri 32:17

kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome , sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo , abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni.

UNumeri 32:26

Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,

UZakariya 13:7

Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti . Shaya umalusi , zize zihlakazeke izimvu , bese ngiphendulela abancane isandla sami.