"abangane"
32 occurrences in ZUL
Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha , kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.
UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:
Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Abangane: Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Umakoti: Kufanele ukuba bakuthande.
Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wam i ukuthi w aluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini , ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na? Abangane:
Sengingenile ensimini yami , dadewethu, makoti wami ; ngiyabutha imure lami namakha ami , ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami , ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Abangane: Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando. Ukulangazela komakoti Umakoti:
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma nimfumana othandiweyo wami, ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando. Abangane:
Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibek a enqoleni yabantu benkosana yami. Abangane:
Kepha ijuba lami , opheleleyo wami munye nje ; ungoyedwa kunina , ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayamb ona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa. Abangane:
Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona. Umakoti:
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ukuba ningalunyakazisi , ningaluvusi uthando, lungakavumi. Abangane:
Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando , nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa. Umakoti nabafowabo Abangane:
Uyakhala nokukhala ebusuku , izinyembezi zawo zisezihla thini zawo ; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo ; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.
Umuntu wabangane uyazilimaza , kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.
Imfuyo iyenezela abangane abaningi, kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.
Bonke abazalwane bompofu bayamzonda ; kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye; uyabaxosha ngamazwi, kepha awasekho.
Kepha uHamani wazibamba , waya ekhaya ; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe.
Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye : Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo , besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini . Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.
UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kon ke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe : Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda , awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.
Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula yokuthi: Ukuthula, nokuthi nokuthi.
Emihleni ka -Aritahishashita oBishilamu , noMithiredati, noThabeyeli, nabanye abangane bakhe baloba ku -Aritahishashita inkosi yasePheresiya ; okulotshiweyo kwakunjengokulotshwa kwesi -Aramu, kwachazwa ngesi - Aramu.
URehumi unqamulajuqu noShimshayi , umbhali, nabanye abangane babo , amaDinayi, nama-Afarisathiki, namaTharipheli, nama-Afarisi, nama-Arikhevi, nabaseBabele, namaShushaniki, namaDehavi, nama-Elamu,
Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha , nezisebenzi zingabantu nje . Mabahlangane bonke, beme; bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.
UDaniyeli wayeseya endlini yakhe , wazisa oHananiya , noMishayeli, no- Azariya, abangane bakhe, le ndaba
Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: EkaJuda neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe . Thatha enye induku , ulobe kuyo ngokuthi: EkaJosefa, induku ka -Efrayimi neyendlu yonke yakwa - Israyeli, abangane bakhe,
khuluma kubo , uthi: Isho kan je iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyithatha induku kaJosefa esesandleni sika -Efrayimi nezizwe zakwa - Israyeli, abangane bakhe , ngiyibeke endukwini kaJuda , ngizenze zibe yinduku inye, babe munye esandleni sami.
Ngizwile ukuhleba kwabaningi : Luvalo nxazonke . Mmangalele! Masimmangalele! Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami . Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho ; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone ; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.
Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa ; uyakufika eBabele , kepha uyakufela khona , umbelwe khona , wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga. Ukukhala kukaJeremiya
Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu
Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo , amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela , kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe : ngu-Elifazi umThema ni, noBilidadi umShuhi , noSofari umNahama ; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.
UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni , lapho ekhul ekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.