Skip to Content

"abangcwele"

61 occurrences in ZUL

1 kaPetru 3:5

Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo,

1 kwabaseKorinte 14:33

ngokuba uNkulunk ulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula . Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele,

1 kwabaseKorinte 16:1

Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele , njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.

1 kwabaseKorinte 16:15

Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase- Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele

1 kwabaseKorinte 1:2

kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte , kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele , kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:

1 kwabaseKorinte 6:2

Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na ? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na?

2 kaPetru 3:2

ukuze nikhumbule amazwi ashunyayelwa phambili yibo abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindi si owashunyayelwa ngabaphostoli benu,

2 kwabaseKorinte 13:13

Abangcwele bonke bayakhonza kini.

2 kwabaseKorinte 1:1

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu , noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulu nkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya:

2 kwabaseKorinte 8:4

asinxusa kakhulu ecela umusa wokuhlanganyela ekukhonzeni abangcwele;

2 kwabaseKorinte 9:1

Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele,

2 kwabaseThesalonika 1:10

nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe , abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.

AmaHubo 132:16

Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso; abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.

AmaHubo 132:9

Abapristi bakho mabembeswe ukulunga, abangcwele bakho bethabe.

AmaHubo 145:10

Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge.

AmaHubo 148:14

Usephakamisile uphondo lwab antu bakhe ; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe , abantwana bakwa -Israyeli, abantu abaseduze naye . Haleluya!

AmaHubo 149:9

bafeze phezu kwabo isahlulelo es ilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya!

AmaHubo 16:3

Abangcwele abasemhlabeni, abayizikhulu, yonke intokozo yami ikubona.

AmaHubo 37:28

Ngokuba uJehova uthanda ukulunga , akabashiyi abangcwele bakhe ; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.

AmaHubo 50:5

Buthelani kimi abangcwele bami abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.

EkaJuda 1:3

Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke , ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.

IzEnzo 3:21

okumelwe ukuba izulu limamukele , kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.

IzEnzo 9:41

Yena wambamba ngesandla , wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.

KuFilemoni 1:5

uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele,

KuThithu 2:3

kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele , bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle,

KumaHeberu 13:24

Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya bayakhonza kini.

KumaHeberu 3:1

Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini , qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,

KumaHeberu 6:10

Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe , lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza. Mabafane nawokhokho ababambelela esithenjisweni

Kwabase-Efesu 1:1

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu , kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu Jesu:

Kwabase-Efesu 1:15

Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa okukini eNkosini uJesu nothando kubo bonke abangcwele,

Kwabase-Efesu 1:18

ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu , nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,

Kwabase-Efesu 3:5

bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye , njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya

Kwabase-Efesu 3:8

Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo

Kwabase-Efesu 4:12

ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza , kwakhiwe umzimba kaKristu,

Kwabase-Efesu 5:3

Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,

Kwabase-Efesu 6:18

ngokukhuleka konke nokunxusa , nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya ; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,

KwabaseFilipi 1:1

OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:

KwabaseFilipi 4:22

Abangcwele bonke bayakhonza kini, ikakhulu abendlu kaKesari.

KwabaseKolose 1:2

kubo abaseKolose , abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu ; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. UPawulu ubonga ukukholwa nothando lwabaseKolose

KwabaseKolose 1:4

lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele,

KwabaseKolose 3:12

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu , abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo , nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,

KwabaseRoma 15:25

kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele.

KwabaseRoma 16:2

ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele , nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini , ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi , nowami uqobo.

KwabaseRoma 1:7

kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma , ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Isifiso sikaPawulu ukushumayela ivangeli eRoma

KwabaseRoma 8:27

kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.

NgokukaLuka 1:70

njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo,

U-Eksodusi 22:31

Niyakuba ngabantu abangcwele kimi ; ngalokho a niyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.

U-Isaya 13:3

Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami , yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami, bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.

U-Isaya 62:12

Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele , abahlengiweyo bakaJehova ; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe.

UDaniyeli 12:7

Ngezwa umuntu owembethe ilineni , owayephezu kwamanzi omfula ; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sa khe sokhohlo ezulwini , wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi , nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.

UDaniyeli 4:18

Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari ; wena Beliteshasari , yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo ; kepha wena ungakwenza , ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.

UDaniyeli 4:8

Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami , okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:

UDaniyeli 4:9

Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo , ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.

UDaniyeli 5:11

Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu ; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambek a induna yezanusi , neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,

UDaniyeli 7:18

Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.

UDaniyeli 7:22

waze wafika omdala wezinsuku , abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.

UDaniyeli 7:25

Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke , ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.

UDaniyeli 8:24

Iyakuba namandla amakhulu, ingenamandla eyokuqala kodwa; iyakuchitha ngokumangalisayo, iphumelele ukukwenza ; iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.

UDuteronomi 14:2

Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu ; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.

UDuteronomi 33:3

Yebo, uyazithanda izizwe , bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho ; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.

UZakariya 14:5

Niyakubalekela esigodini sezintaba za mi, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e -Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika -Uziya inkosi yakwaJuda ; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.