Skip to Content

"abathunjwa"

26 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 24:14

Yathumba lonke iJerusalema , nazo zonke izikhulu , nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi , nezinyanga zonke zemisebenzi, nabakhandi; akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu abayizimpofana bezwe.

2 iziKronike 28:11

Ngalokho ngizweni , nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu , ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.

2 iziKronike 28:13

bathi kubo : Ningabangenisi abathunjwa lapha , ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje ; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.

2 iziKronike 28:14

Abahlomileyo base bebashiya abathunjwa nempango phambi kwezikhulu nebandla lonke.

2 iziKronike 28:15

Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma , abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze , abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla , abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka , abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.

2 iziKronike 28:17

Ngokuba phezu kwakho konke babef ikile abakwa -Edomi, bashaya uJuda , bathumba abathunjwa.

AbAhluleli 5:12

Vuka, vuka, Debora! Vuka, vuka, uhube ihubo ! Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho, wena ndodana ka-Abinohama!

U-Ezra 10:16

Kepha abathunjwa benze njalo . Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise , bonke ngamagama ; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.

U-Ezra 10:7

Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema

U-Ezra 4:1

Kwathi lapho izitha zakwaJuda nezakwaBenjamini sezizwile ukuthi abathunjwa bakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ithempeli,

U-Ezra 6:16

Abantwana bakwa -Israyeli, abapristi namaLevi nabanye abathunjwa , bagcina ukuhlanjululwa kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngokuthokoza.

U-Ezra 6:19

Abathunjwa bagcina iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.

U-Ezra 6:20

Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye ; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika , nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo.

U-Ezra 8:35

Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka -Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u - Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha , namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhomb isa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova.

U-Isaya 20:4

kanjalo inkosi yase -Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe , abasha nabadala , behamba ze , bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.

U-Isaya 45:13

Mina ngimvusile lona ngokulunga; ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe; yena uyakuwakha umuzi wami , avumele abathunjwa bami ukuba bahambe , kungabi ngenkokhelo nangesipho, usho uJehova Sebawoti. U-Israyeli ungufakazi kuzo izizwe zonke

U-Isaya 49:25

Noma kunjalo, uJehova uthi : Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa , nempango yabacindezeli iyakophulwa , kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe, ngisindise abantwana bakho.

U-Obadiya 1:20

Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa -Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefat i nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.

UHabakuki 1:9

Zonke zifikela indluzula, ubuso bazo bujonga phambili ; zibutha abathunjwa njengesihlabathi.

UJeremiya 28:4

ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi , inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele , usho uJehova, ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.

UJeremiya 28:6

yebo, umprofethi uJeremiya wathi : Amen, makenze njalo uJehova , awaqinise amazwi akho owaprofethayo , kubuyiswe izitsha zendlu k aJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.

UJeremiya 29:22

Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: UJehova makakwenze ukuba ube njengoSede kiya no- Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,

UJeremiya 29:31

Thuma kubo bonke abathunjwa , uthi: U sho kanje uJehova ngoShemaya waseNehelamu, uthi: Ngenxa yokuba uShemaya eprofethile kini , mina ngingamthumile, wanenza ukuba nethembe emangeni,

UJeremiya 29:4

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibenzile ukuba bathunjwe eJerusa lema, bayiswe eBabele , uthi:

UJeremiya 40:1

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova , uNebuzaradani induna yabalindi esemvumele ukuba asuke eRama ngokumthatha eboshiwe ngamaketanga phakathi kwabo b onke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda ababeyakuthunjelwa eBabele.

UNumeri 31:12

Baletha abathunjwa , nempango, nempahla edliweyo kuMose naku - Eleyazare umpristi , nakuyo inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.