Skip to Content

"abeke"

24 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:21

URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda . URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe ; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.

1 kwabaseKorinte 15:25

Ngokuba umelwe ukubusa , aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.

2 iziKronike 12:13

Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa -ke eJerusalema yabusa , ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa -Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.

NgokukaMarku 7:32

Baletha kuye isithulu esinamalimi , bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso.

NgokukaMathewu 19:13

Khona kwalethwa kuye abantwanyana ukuba abeke izandla phezu kwabo , akhuleke; kepha abafundi babakhuza.

U-Eksodusi 36:1

OBesaleli no -Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu e ngcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.

U-Eksodusi 36:2

UMose wababiza oBesaleli no -Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo , bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze.

UDaniyeli 2:21

uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;

UDuteronomi 12:21

Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe , uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova , njengalokho ngakuyala , udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.

UDuteronomi 12:5

Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo , leyo ndlu yakhe niyakuyifuna , nize kuyo,

UDuteronomi 28:48

uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba , nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.

UGenesise 41:34

Makenze njalo uFaro , abeke ababonisi phezu kwezwe , bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala.

UHabakuki 2:9

Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo emb i ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!

UHezekeli 14:4

Qha! Ngalokho khuluma kuwona , uthi kuwo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe , abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi , mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe,

UHezekeli 14:7

Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami , angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe , eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi , mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami,

UJobe 33:16

khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,

ULevitikusi 16:13

abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi;

ULevitikusi 16:21

u-Aroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo , avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwa -Israyeli neziphambeko ezonweni zabo zonke , akubeke enhloko yempongo , ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane,

ULevitikusi 1:7

Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e -altare, ahlele izinkuni phezu komlilo;

ULevitikusi 2:1

Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova , umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,

ULevitikusi 3:13

abeke isandla sakhe enhloko yayo, ayihlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi layo.

ULevitikusi 3:8

abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe , awuhlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana , amadodana ka -Aroni afafaze i -altare nx azonke ngegazi lawo.

ULevitikusi 4:4

ayiyise inkunzi ebusweni bukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, abeke isandla sakhe enhloko yenkunzi, ayihlabe inkunzi phambi kukaJehova.

UNumeri 11:29

UMose wathi kubo : Unomhawu ngenxa yami na ? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi , uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.