Skip to Content

"abela"

22 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 15:20

UBeni Hadadi wayilalela inkosi u -Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.

1 AmaKhosi 19:16

uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe yinkosi kwa -Israyeli, umgcobe u-Elisha indodana kaShafati wase -Abela Mehola abe ngumprofethi esikhundleni sakho.

1 AmaKhosi 4:12

uBahana indodana ka -Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,

2 AmaKhosi 15:29

Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri i nkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali , wabathumbela e - Asiriya.

2 iziKronike 16:4

UBeni Hadadi wayilalela inkosi u -Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa -Israyeli; zanqoba i -Ijoni, neDani, ne-Abela Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali.

2 uSamuweli 20:14

Wadabula izizwe zonke zakwa -Israyeli, waze wafika e -Abela, naseBeti Mahakha, nakuwo onke amaBeri; babuthana bamxosha nakhona.

2 uSamuweli 20:15

Bafika bamvimbezela e -Abela laseBeti Mahakha , banqwabela iduli ngasemzini elema ngasodongeni ; abantu bonke ababe n oJowabe babhidliza ugange ukuba luwe.

2 uSamuweli 20:18

Wathi-ke: Endulo babevama ukukhuluma ngokuthi : Kuyakubuzwa nokubuzwa e-Abela. Base beqeda.

AbAhluleli 11:33

Wababulala kusukela e -Aroweri kuze kufike eMiniti , imizi engamashumi amabili, nase-Abela Keramimi ngokuceka okukhulu kakhulu . Kanjalo abantwana bakwa-Amoni banqotshwa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. Indodakazi kaJefta

AbAhluleli 7:22

Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke ; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera , laze lafika emkhawulweni we -Abela Mehola ngaseThabati.

IzEnzo 10:2

wayengumuntu okholwayo nowesaba uN kulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.

KumaHeberu 11:4

Ngokukholwa u -Abela wanikela kuNkulunkulu ng omhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile , uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.

KumaHeberu 12:24

nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha , nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.

NgokukaLuka 11:51

kusukela egazini lika -Abela kuze kufike egazini likaZakariya owabulawa phakathi kwe-altare nethempeli . Yebo, ngithi kini : Lizakubizwa kulesi sizukulwane.

NgokukaMathewu 23:35

ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika -Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.

UGenesise 4:2

Waphinda wazala u -Abela umfowabo . U-Abela waba ngumalusi , uKayini waba ngumlimi.

UGenesise 4:25

U-Adamu wabuye wamazi umkakhe ; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti , ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika - Abela, njengokuba uKayini umbulele.

UGenesise 4:4

Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe.

UGenesise 4:8

UKayini wakhuluma ku -Abela umf owabo, wathi: Masiye endle . Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.

UGenesise 4:9

Wayesethi uJehova kuKayini : Uphi umfowenu u -Abela na ? Wathi: Angazi; ngingumlindi womfowethu na?

UGenesise 50:11

Abakhileyo ezweni , amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Ha thadi bathi : Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe . Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi elingaphesheya kweJordani.

UNumeri 33:49

Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti Jeshimoti kuze kuf ike e -Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.