Skip to Content

"abone"

21 occurrences in ZUL

AmaHubo 16:10

Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo ; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.

AmaHubo 34:12

Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

IsiLilo 3:50

aze abheke uJehova, abone esezulwini.

IzEnzo 11:23

wathi u kuba afike , abone umusa kaNkulunkulu , wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.

IzEnzo 13:35

Ngakho nak wenye indawo uthi : Awuyikunika oNgcwele wakho abone ukubola.

IzEnzo 2:27

Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese, futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola.

IzEnzo 3:3

Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini , wacela ukwabelwa isipho.

IzEnzo 9:12

ubonile indoda , igama layo lingu -Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.

NgokukaMathewu 26:58

Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi , wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.

UGenesise 11:5

UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.

UGenesise 2:19

UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu , waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.

UHezekeli 37:23

Abasayikuzingcolisa ngezithombe zabo , nangokuzondekayo kwabo , nangesisodwa seziphambeko zabo , kepha ngiyakubasindisa kukho konke ukuhlehla kwabo abone ngakho, ngibahlambulule, baze babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.

UJeremiya 23:18

Ngokuba ngubani owake wem a emkhandlwini kaJehova ukuba abone , ezwe izwi lakhe na? Ngubani oqaphele izwi lakhe, walizwa, na?

UJeremiya 33:8

Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi , ngithethelele zonke izono zabo abone ngazo kimi nabaphambuke kimi ngazo.

UJobe 28:24

Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba, abone konke okuphansi kwezulu.

UJobe 33:26

khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye , abone ubuso bakhe ngokujabula, abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.

UJona 4:5

UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona , wahlala phansi kwalo emthunzini , ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.

ULevitikusi 20:17

Uma umuntu ethatha udadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe , naye abone ubunqunu bakhe , kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana b abantu bakubo ; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.

ULevitikusi 4:14

lapho isono abone ngaso sesaziwe , ibandla liyakunikela ngeduna libe ngumnikelo wesono, lililethe phambi kwetende lokuhlangana.

UNumeri 16:38

imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayak ulimboza i -altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele ; iyakuba luphawu kubantwana bakwa - Israyeli.

UmShumayeli 3:22

Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?