Skip to Content

"akasoze"

8 occurrences in ZUL

1 kaPetru 2:6

Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi : Bhekani, ngibeka eSiyon i itshe legumbi elikhethekile, liyigugu; okholwa yilo akasoze ajabhiswa.

AmaHubo 10:11

Uthi enhliziyweni yakhe : UNkulunkulu ukhohliwe , ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.

IsAmbulo 18:22

Izwi lababetha ihabhu nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe , namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe , nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe,

IsAmbulo 2:11

Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni . Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.

IsAmbulo 3:12

Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami , futhi akasoze aph uma khona ; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami , iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.

NgokukaJohane 8:51

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.

NgokukaMarku 9:41

Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile n githi kini : Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

UDuteronomi 15:11

Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni ; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi : Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho , abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.