Skip to Content

"akhulume"

22 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:3

Wabanika isiboniso ngalolo suku , wathi: Yilesi esiyisiboniso uJehova akhulume ngaso sokuthi : Bheka, i-altare liyakudatshulwa , umlotha ophezu kwalo uchithwe.

1 AmaKhosi 22:24

USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela , wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaph i ukuba akhulume kuwe na?

1 kwabaseKorinte 14:35

Uma-ke bethanda ukufunda utho , mababuze emadodeni abo emakhaya ; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.

2 iziKronike 18:23

USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela , wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?

2 uSamuweli 3:27

U-Abineri esebuyele eHebroni , uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa , wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.

AbAhluleli 19:3

Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso , asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.

AmaHubo 41:6

Nalapho kuza ozongibona , ukhuluma amanga ; inhliziyo yakhe izibuthela ukonakala, abesephuma akhulume ngakho.

IzEnzo 24:10

Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume , uPawulu waphendula wathi : Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizw e, ngiyaziphendulela ngesibindi;

NgokukaLuka 4:41

Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi : Wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha wawakhuza , kawavumelanga ukuba akhulume , ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.

NgokukaMarku 9:39

Kepha uJesu wathi : Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami.

U-Esteri 1:22

yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi , ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowo muntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.

U-Esteri 6:4

Yayisithi inkosi: Ngubani osegcekeni na? UHamani wayesandUkungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.

UDuteronomi 13:2

isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka , athi: Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze,

UDuteronomi 18:18

Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo , ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.

UDuteronomi 20:2

Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo:

UDuteronomi 25:8

Amalunga omuzi wakhe ayakumbiza , akhulume naye; uma emi eqinisa ngokuthi: Angithandi ukumthatha,

UHezekeli 14:9

Uma umprofethi eyengwa akhulume izwi , mina Jehova ngimyengile lowo mprofethi; ngiyakwelulela isandla sami phezu kwakhe , ngimchithe phakathi kwabantu bami u-Israyeli.

UJeremiya 32:4

uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi , kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,

UJobe 41:3

Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe , akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?

UJoshuwa 20:4

Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi , angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.

UNumeri 27:7

Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.

UNumeri 7:89

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.