Skip to Content

"akukhulumileyo"

7 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 25:30

Kuyakuthi la pho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli,

2 AmaKhosi 20:9

Wathi u-Isaya: Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lo kho akukhulumileyo : isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na?

U-Eksodusi 16:23

Wathi kuzo : Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo : kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova ; yosani lokho eniyakukosa , nipheke lokho eniyakukupheka , nizibekele konke okuseleyo , kulondolozwe kuze kuse.

U-Eksodusi 19:8

Bonke abantu baphendula kanyekanye , bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza. UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu.

U-Eksodusi 24:7

Wathatha incwadi yesivumelwano , wayifunda ezindlebeni zabantu ; bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.

U-Isaya 38:7

Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo:

UJeremiya 36:7

Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , ngokuba inkulu intukuthel o nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.