Skip to Content

"akukuhle"

15 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 5:6

Akukuhle ukuzibonga kwenu . Anazi yini ukuthi imv ubelo encane ibilisa inhlama yonke na?

1 uSamuweli 26:16

Akukuhle okwenzileyo . Kuphila kukaJehova , nimelwe ukuf a, ngokuba anilindanga inkosi yenu , ogcotshiweyo kaJehova . Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.

AbAhluleli 8:2

Wathi kubo: Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na ? Ukukhothoza kwabakwa-Efrayimi akukuhle yini kunokuvuna umvini kwama-Abiyezeri na?

IzAga 17:26

Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.

IzAga 18:5

Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.

IzAga 24:23

Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo : Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.

IzAga 25:27

Ukudla izinyosi eziningi akukuhle, nokuzifunela udumo kakusilo udumo.

IzAga 28:21

Ukukhetha ubuso akukuhle ; ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.

IzEnzo 6:2

Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi , bathi: Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni.

NgokukaMarku 7:27

UJesu wayesethi kuye : Ake kusuthe abantwana kuqala , ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.

NgokukaMathewu 15:26

Waphendula wathi : Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana , usiphonse ezinjaneni.

NgokukaMathewu 19:10

Abafundi bathi kuye : Uma injalo ind aba yomuntu nomkakhe , akukuhle ukuganwa.

U-Eksodusi 18:17

Umukhwe kaMose wathi kuye: Lokhu okwenzayo akukuhle.

UGenesise 2:18

UJehova uNkulunkulu wathi : Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa . Ngizakumenzela umsizi onjengaye.

UNehemiya 5:9

Ngathi futhi : Akukuhle enikwenzayo ; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe , izitha zethu, na?