Skip to Content

"amademoni"

32 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 10:20

Kodwa ngithi : Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni , kabakuhlabeli uNkulunkulu . Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni.

AmaHubo 106:37

Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni.

IsAmbulo 18:2

Yamemeza ngezwi elinamdla , yathi: Liwile, liwile iBabiloni elikhulu , selibe yindawo yokuhlala amademoni , nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zo nke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,

IsAmbulo 9:20

Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide , nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,

NgokukaLuka 11:15

Kepha abanye kubo bathi : Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.

NgokukaLuka 11:18

NoSathane, uma ehlukene yedwa , umbuso wakhe uyakuma kanjani na ? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.

NgokukaLuka 11:19

Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.

NgokukaLuka 11:20

Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu , umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.

NgokukaLuka 13:32

Wathi kubo : Hambani nithi kuleyo mp ungushe: Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa , kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.

NgokukaLuka 8:2

nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni : uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena , okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,

NgokukaLuka 8:30

UJesu wambuza wathi: Ungubani igama lakho? Wathi: ULegiyona, ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye.

NgokukaLuka 8:33

Aphuma-ke amademoni kuye umuntu , angena ezingu lubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.

NgokukaLuka 8:35

Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo , bafika kuJesu , bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehle zi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo.

NgokukaLuka 8:38

Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye ; kodwa wayimukisa, ethi:

NgokukaLuka 9:49

UJohane waphendula wathi : Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.

NgokukaMarku 16:17

Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo : ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha,

NgokukaMarku 16:9

Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki , wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa.

NgokukaMarku 1:34

Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ng ezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.

NgokukaMarku 1:39

Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. UJesu uphilisa umuntu onochoko (Math. 8:1; Luk. 5:12)

NgokukaMarku 3:15

babe namandla okukhipha amademoni.

NgokukaMarku 3:22

Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi : UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.

NgokukaMarku 6:13

Bakhipha amademoni amaningi , bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha , babaphulukisa. Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi (Math. 14:1; Luk. 9:7)

NgokukaMarku 9:38

UJohane wayesethi kuye: Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.

NgokukaMathewu 10:8

Phulukisani abagulayo , nivuse abafileyo , nihlambulule abanochoko , nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.

NgokukaMathewu 12:24

Kepha abaFarisi bekuzwa bathi : Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.

NgokukaMathewu 12:27

Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.

NgokukaMathewu 12:28

Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu , umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.

NgokukaMathewu 7:22

Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku : Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho , sakhipha amademoni ngegama lakho , senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?

NgokukaMathewu 8:31

Amademoni amncenga athi : Uma usikhipha , sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.

NgokukaMathewu 9:34

Kepha abaFarisi bathi: Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.

UDuteronomi 32:17

Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu, onkulunkulu ababengabazi, onkulunkulu abasha, abasandUkuqhamuka, ababengesatshwa ngoyihlo.

ULevitikusi 17:7

Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga . Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.