Skip to Content

"amakha"

17 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:10

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wo na yinkosikazi yaseSheba.

1 AmaKhosi 10:2

Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu , namakamela ethwele amakha , negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

1 iziKronike 9:30

Abanye bamadodana abapristi bagxoba amakha aba ngamafutha.

2 iziKronike 9:1

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

2 iziKronike 9:9

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu , namatshe ayigugu ; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:6

Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi , eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:14

inadi nesafroni , nomhlanga nokinamona , kanye nemithi yonke yenhlaka, nemure nomhlaba, nawo onke amakha amahle.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:16

Vuka, moya wasenyakatho , uze wena Ningizimu , uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.

NgokukaLuka 23:56

Base bebuyela emuva , balungisa amakha namafutha ; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.

NgokukaLuka 24:1

Kepha ngosuku lokuqala lweviki , kuntwela ngenzansi , bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.

NgokukaMarku 16:1

Selidlulile isabatha , oMariya Magd alena, noMariya unina kaJakobe , noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

U-Eksodusi 30:23

Zithabathele amakha amahle, imure eliphumayo lamashekeli angamakhulu ayisihlanu, nokinamona othaphukayo wenxenye yalokho , okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu , nekalamu elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,

U-Eksodusi 30:25

Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.

U-Eksodusi 30:34

UJehova wathi kuMose : Zithabathele amakha athaphukayo , inathafi neshehelethe nehelibena, amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo , kulingane konke,

U-Eksodusi 30:35

wenze ngakho impepho , amakha n jengokwenza komthaki , ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele;

U-Isaya 57:9

Waya kuMoloki uphethe amafutha , wawandisa amakha akho ; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.

UHezekeli 27:22

Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho , benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili , nangawo onke amatshe anqabileyo , nangegolide.