Skip to Content

"amakhosi"

160 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:23

Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunaw o onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha.

1 AmaKhosi 10:29

Inqola yenyuka yaphuma eGibithe ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu ; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

1 AmaKhosi 11:3

Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi , nezancinza ezingamakhulu amathathu ; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.

1 AmaKhosi 16:33

U-Ahabi wamenza u -Ashera; u-Ahabi wenezela waze wacunula uJehova , uNkulunkulu ka -Israyeli, kunawo onke amakhosi akwa -Israyeli ayengaphambi kwakhe.

1 AmaKhosi 20:16

Baphuma emini . Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.

1 AmaKhosi 20:24

Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,

1 AmaKhosi 20:31

Kepha izinceku zakhe zathi ku ye: Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa ; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu , siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.

1 AmaKhosi 4:24

Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula ; wayenokuthula nxazonke zakhe.

1 iziKronike 16:21

Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,

1 iziKronike 19:9

Abantwana bakwa -Amoni baphuma , bahlela impi ngasesangweni lo muzi; kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.

1 kaPetru 2:18

Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke , kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu.

1 kaPetru 5:3

kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona , kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;

1 kuThimothewu 2:2

amakhosi nabo bonke abakhulu , ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.

1 uSamuweli 29:2

Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane ; uDavide nabantu bakhe badlula emuva kanye no-Akhishi.

1 uSamuweli 29:6

U-Akhishi wambiza uDavide , wathi kuye : Kuphila kukaJehova , wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami , ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla ; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.

1 uSamuweli 29:7

Ngalokho buya , uhambe ngokuthula , ungenzi okubi emehlweni amakhosi amaFilisti.

1 uSamuweli 5:11

Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti , bathi: Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli, ubuyele endlini yawo , ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi, ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.

1 uSamuweli 5:8

Bathuma babuthela kubo on ke amakhosi amaFilisti , bathi: Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli na ? Athi: Umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli mawususelwe eGati . Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.

1 uSamuweli 6:12

Izinkomo zaqonda endleleni, zaya ngaseBeti Shemeshi, zahamba ngomendo, zihamba zikhala, zingaphambukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ; amakhosi amaFilisti azilandela, aze afika emkhawulweni waseBeti Shemeshi.

1 uSamuweli 6:16

Amakhosi ayisihlanu amaFilisti esekubonile abuyela e-Ekroni ngalolo suku.

1 uSamuweli 6:4

Athi: Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na ? Bathi: Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlan u egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti , ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.

1 uSamuweli 7:7

AmaFilisti esezwile ukuthi abantwana bakwa -Israyeli babuthene eMispa , amakhosi amaFilisti akhuphuka ukulwa no -Israyeli. Abantwana bakwa - Israyeli bekuzwile lokho bawesaba amaFilisti.

2 AmaKhosi 10:4

Kepha besaba kakhulu impela , bathi: Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?

2 AmaKhosi 12:18

UJehowashi, inkosi yakwaJuda , wathatha zonke izinto ezingcwele , ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise , amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe , nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi , wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.

2 AmaKhosi 14:29

UJerobowamu wayeselala koyise , amakhosi abakwa -Israyeli; uZakariya waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 15:7

U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. Amanye amakhosi akwa-Israyeli

2 AmaKhosi 18:5

Wamethemba uJehova uNkulunkulu w akwa-Israyeli kwaze kwangabakho onjengaye phakathi kwawo onke amakhosi akwaJuda nakuwo ayengaphambi kwakhe.

2 AmaKhosi 19:17

Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe namazwe azo,

2 AmaKhosi 23:11

Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.

2 AmaKhosi 23:5

Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo e mizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga n enyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.

2 AmaKhosi 3:21

Sebezwile bonke abakwaMowabi ukuthi amakhosi enyukile ukulwa nabo , babuthana bonke abaqale ukubhinca izikhali kuya phezulu , bema emkhawulweni.

2 AmaKhosi 3:23

bathi: Lokhu kuyigazi ; ngempela amakhosi alwile , abulalene enye nenye ; ngalokho ekuphangeni-ke, Mowabi!

2 AmaKhosi 7:6

INkosi ibiyizwisile impi yama -Aramu umsindo wezinqola , nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.

2 iziKronike 1:12

uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi ; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho , nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.

2 iziKronike 1:17

Bakhuphula, bakhipha eGibithe inqola ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva , nehhashi ng ayikhulu namashumi ayisihlanu ; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase -Aramu ngezandla zabo.

2 iziKronike 21:20

Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema , wamuka engakhalelwanga muntu ; bammbela emzini kaDavide , kepha kungesemathuneni amakhosi.

2 iziKronike 24:25

Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.

2 iziKronike 26:23

U-Uziya wayeselala koyise ; bammbela koyise ngaphandle kwamathuna amakhosi, ngokuba bathi: Ungonochoko. UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 28:27

U-Ahazi wayeselala koyise ; bammbela emzini , iJerusalema, ngokuba abamyisanga emathuneni amakhosi akwa-Israyeli; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 32:4

Kwabuthana abantu abaningi , bavimba yonke imithombo , nomfudlana owawugobhoza phakathi nezwe , bathi: Kungangani ukuba kufike amakhosi ase-Asiriya, afumane amanzi amaningi, na?

2 iziKronike 34:11

bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.

2 iziKronike 35:18

Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa -Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi , nawo onke amakhosi akwa -Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.

2 iziKronike 9:14

ngaphandle kokuvela kubahwebi nabathengisi ; onke amakhosi ase-Arabiya nababusi bezwe baletha igolide nesiliva kuSolomoni.

2 iziKronike 9:22

Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ng engcebo nangokuhlakanipha.

2 iziKronike 9:23

Onke amakhosi omhlaba afuna ubuso bukaSolomoni ukuba ezwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe.

2 iziKronike 9:26

Wabusa phezu kwawo onke amakhosi kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe.

2 uSamuweli 10:19

Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka -Israyeli, enza ukuthula no -Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.

AbAhluleli 16:18

UDelila wabona ukuthi wayemtshelile yonke inhliziyo yakhe ; wathuma wawabiza amakhosi amaFilisti , wathi: Yenyukani kalokhu , ngokuba ungitshelile yonke inhliziyo yakhe . Ayesenyukela kuye amakhosi amaFilisti , aletha imali esandleni sawo.

AbAhluleli 16:23

Amakhosi amaFilisti abuthana ukuba ahlabele uDagoni unkulunkulu wawo umhlatshelo omkhulu, athokoze, ngokuba athi: Unkulunkulu wethu unikele uSamsoni isitha sethu esandleni sethu.

AbAhluleli 16:5

Amakhosi amaFilisti enyukela kuye , athi kuye : Myenge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu aphi nokuthi singamahlula ngani ukuba simbophe , simnqobe; siyakukunika, kube yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva.

AbAhluleli 16:8

Amakhosi amaFilisti ayeseletha kuye izinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, wambopha ngazo.

AbAhluleli 1:7

Wayesethi u -Adoni Bezeki : Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwa wo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi . Bamyisa eJerusalema, wafela khona.

AbAhluleli 3:3

Amakhosi ayisihlanu amaFilisti , nawo onke amaKhanani , namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati.

AbAhluleli 5:19

Amakhosi afika alwa , alwa amakhosi aseKhanan i eThahanaki ngasemanzini aseMegido; awathathanga nzuzo yamali.

AbAhluleli 8:12

OZeba noSalimuna babaleka , wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.

AbAhluleli 8:5

Wayesethi kubantu baseSukoti : Ake niphe abantu abangilandelayo izinkwa, ngokuba bayethile, ngisaxosha oZeba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.

AmaHubo 102:15

Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova , amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.

AmaHubo 105:14

Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,

AmaHubo 110:5

INkosi ingakwesokunene sakho ; iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.

AmaHubo 135:10

Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla:

AmaHubo 136:17

owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

AmaHubo 136:18

owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

AmaHubo 138:4

Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga , Jehova, lapho ezwile amazwi omlomo wakho.

AmaHubo 144:10

Nguye onika amakhosi insindiso , okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.

AmaHubo 149:8

babophe amakhosi abo ngamaketang a nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,

AmaHubo 2:2

Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa , nababusi baceba iceb o ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:

AmaHubo 45:9

Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabes ifazane bakho abadumileyo ; inkosikazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe igolide lase-Ofiri.

AmaHubo 48:4

Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye.

AmaHubo 68:12

Amakhosi ezimpi ayabaleka ; ayabaleka wona ; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.

AmaHubo 68:14

Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, likhithika iqhwa eSalimoni.

AmaHubo 68:29

Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema amakhosi ayakukulethela izipho.

AmaHubo 72:10

Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho ; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.

AmaHubo 72:11

Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.

AmaHubo 76:12

Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.

IsAmbulo 16:12

Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.

IsAmbulo 17:2

afeba naso amakhosi omhlaba , nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.

IsAmbulo 18:9

Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,

IsiLilo 4:12

Amakhosi omhlab a ayengakholwa kanye nabo bonke abak hileyo ezwen i ukuthi abamelene nabo nezitha zab o babeyakungena emasangweni aseJerusalema.

IzAga 31:3

Unganiki a besifazane amandla akho , nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.

IzAga 8:15

Amakhosi abusa ngami, nababusi bamisa ukulunga.

IzEnzo 4:26

Amakhosi omhlaba aqhelile , nababusi bayihlanganyel e iNkosi noGcotshiweyo wayo.

KuThithu 2:9

Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo , zikholeke ezintweni zonke , zingaphiki nkani,

KumaHeberu 7:1

Ngokuba uMelkisedeki lo , inkosi yaseSalema , umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u -Abrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;

NgokukaLuka 16:13

Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili , ngokuba kokunye iyakuzonda enye , ithande enye , noma ibambelele kwenye , iyeyise enye . Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.

NgokukaLuka 1:52

Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana.

NgokukaLuka 22:25

Wayesethi kubo : Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo , neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.

NgokukaMarku 10:42

UJesu wayesebabiza , wathi kubo : Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo , nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.

NgokukaMathewu 17:25

Wathi: Uyayithela. Esengene endlini uJesu wamandulela , wathi: Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso , kumadodana awo noma kubafo, na?

NgokukaMathewu 20:25

Kepha uJesu wababiza , wathi: Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.

NgokukaMathewu 6:24

Akakho ongakhonza amakhosi amabili . Ngokuba uyakuzonda enye , athande enye , noma abambelele kwenye , adelele enye . Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.

U-Eksodusi 15:15

Khona aphaphatheka amakhosi akwa -Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.

U-Ezra 4:13

Makwazeke enkosini , kalokhu, ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange, abayikuthela intela, nenkokhiso, nemali yendlela, okuyakulimaza amakhosi ekugcineni.

U-Ezra 4:15

ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo ; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo , olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo ; ngalokho lo muzi wachithwa.

U-Ezra 4:19

Ngayaleza, kwacingwa, kufumanisekile ukuthi lowo muzi uziphakamisele amakhosi kwasendulo nokuthi ukuhlubuka nokwambuka kwenziwe ph akathi kwawo.

U-Ezra 4:20

Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula; aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.

U-Ezra 4:22

Xwayani ukuba ningayekethisi kulokho ; kungase kwande ukonakala , kulimaze amakhosi, na?

U-Ezra 6:12

uNkulunkulu ohlalise khona igama lakhe awise phansi onke amakhosi nabantu abayakwelula izandla zabo ukuba baguqule lokho , bachithe le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema . Mina Dariyu ngikhiphe isimemezelo ; masenziwe ngaso sonke isineke.

U-Ezra 9:9

Ngokuba siyizigqila ; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kepha usenzele isihawu emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ikhefu , simise ind lu kaNkulunkulu wethu , sivuse incithakalo yayo , asinike ugange kwaJuda naseJerusalema.

U-Isaya 10:8

Ngokuba lithi: Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?

U-Isaya 14:18

Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo.

U-Isaya 14:9

Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiw e ukuba ikuhlangabez e ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi , zonke izikhulu zomhlaba , isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.

U-Isaya 16:8

Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunil e kanye nomvini waseSibima ; amakhosi ezizwe achithil e amagatsha awo ; afinyelela naseJazeri , edukela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.

U-Isaya 1:1

Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

U-Isaya 26:13

Jehova Nkulunkulu wethu , amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile, kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.

U-Isaya 37:18

Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase -Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,

U-Isaya 41:2

Ngubani ovusile ukulung a kuphume empumalan ga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe , amenze ukuba abuse amakhosi , abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe , nanjengamabibi aphephezeliswayo ngomnsalo wakhe, na?

U-Isaya 49:23

Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho , namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi , bakhothe uthuli lwezinyawo zakho ; uyakwazi ukuthi nginguJehova , abethemba kimi abayikujabha.

U-Isaya 49:7

Usho kanje uJehova , uMhlengi ka -Israyeli noNgcwele wakhe , kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso e sizweni, koyinceku yababusi , uthi: Amakhosi ayakubona, asukume, izikhulu zibone , zikhothame ngenxa kaJehova othembekile, oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.

U-Isaya 52:15

kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona , nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.

U-Isaya 5:14

Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo , yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo; kwehlela kuyo amakhosi abo , nesixuku sabo esixokozelayo, kanye nabajabulayo phakathi kwabo.

U-Isaya 60:10

Abezizwe bayakuzakha izingange zakho , amakhosi abo akukhonze ; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, sengiyakuhawukela ngomusa wami.

U-Isaya 60:11

Amasango akho ayakuvuleka njalo , awayikuvalwa imini nobusuku , ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

U-Isaya 60:16

Uyakuncela ubisi lwezizwe , uncele namabele amakhosi ; uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho , noMhlengi wakho , uMninimandla kaJakobe.

UDaniyeli 11:2

Kalokhu ngiyakukutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo onke ; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa bonke ukulwa nombuso waseJavani.

UDaniyeli 11:27

Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi ; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye , kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.

UDaniyeli 2:21

uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;

UDaniyeli 7:24

Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi , kuvele enye emva kwawo ; iyakwahluka kwawokuqala , ithobise amakhosi amathathu.

UDaniyeli 9:8

Jehova, kithina kukhona amahloni obuso : kuwo amakhosi ethu , nakuzo izikhulu zethu, nakobaba, ngokuba sonile kuwe.

UDuteronomi 31:4

UJehova uyakwenza kuz o njengokwenza kwakhe kuSihoni naku -Ogi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo.

UDuteronomi 4:47

Balithatha izwe lakhe , balidla kanye nezwe lika -Ogi inkosi yaseBashani , amakhosi amabili ama -Amori ayengaphe sheya kweJordani ngasempumalanga,

UDuteronomi 7:24

Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uqede igama lawo phansi kwezulu ; akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho , uze uzichithe.

UGenesise 14:9

Balwa noKe dorlawomere inkosi yase -Elamu, noTidali inkosi yezizwe , no- Amrafeli inkosi yaseShineyari , no-Ariyoki inkosi yase -Elasare; amakhosi amane alwa nayisihlanu.

UGenesise 17:16

Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye ; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.

UGenesise 35:11

UNkulunkulu wathi kuye: NginguNkulunkulu uSomandla ; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe ; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

UHabakuki 1:10

Yebo, sibhinqa amakhosi, nababusi balusulu kuso ; sihleka zonke izinqab a, sinqwabela uthuli, sizithathe.

UHezekeli 27:33

Ekuphumeni kwempahla yakho elwandl e wasuthisa abantu abaning i; ngobuningi bengcebo yakho nempahla yakho wacebisa amakhosi omhlaba.

UHezekeli 27:35

Bonke abakhileyo eziqhingini bamangala ngawe ; amakhosi az o ayaqhakanyeka, aphaphatheke ebusweni.

UHezekeli 32:10

Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe , amakhosi abo aqhakanyeke, lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo , aqhaqhazele imizuzwana yonke , kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.

UHezekeli 32:29

Lapho kukhona u -Edomi, amakhosi akhe nazo zonke izikhulu zakhe , abathe nakuba bebe nobuqhawe babekwa nababulewe ngenkemba ; bayakulala nabangasokile nabehlela egodini.

UHoseya 1:1

Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo -Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda , nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.

UHoseya 7:7

Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.

UHoseya 8:4

Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi ; bamisa izikhulu , ngingazi; isiliva labo nego lide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo , ukuze banqunywe.

UJeremiya 17:19

Usho kanje kimi uJehova, uthi: Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda , aphuma ngalo futhi , nasemasangweni onke aseJerusalema,

UJeremiya 17:25

kungene ngamasango alo muzi amakhosi nezikhulu a bahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide bekhwele izinqola namahhashi , bona nezikhulu zabo , abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nalo muzi uyakuhlala kuze kube phakade.

UJeremiya 1:18

Ngokuba bheka , ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo , nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke , nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.

UJeremiya 22:4

Ngokuba uma nenza lokhu impela , kuyakungena ngamasango ale ndlu amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide , ekhwele izinqola namahhashi, wona nezinceku zawo nabantu bawo.

UJeremiya 25:20

nayo yonke ingxubevange yabantu ; onke amakhosi ase -Uzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti e -Ashikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yase-Ashidodi;

UJeremiya 25:22

nawo onke amakhosi aseTire , nawo onke amakhosi aseSidoni , namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;

UJeremiya 25:24

nawo onke amakhosi ase -Arabiya, nawo onke amakhosi engxubeva nge yabantu ehlala ehlane,

UJeremiya 25:25

nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya,

UJeremiya 25:26

nawo onke amakhosi asenyakatho , akude naseduze , yileyo naleyo , nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba ; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.

UJeremiya 34:5

uyakufa ngokuthula ; njengokushiselwa kwawoyihlo , amakhosi okuqala ayengaphambi kwakho , kanjalo bayakukushisela wena , bakulilele, bathi: Maye, nkosi! Ngokuba ngilikhulumile izwi, usho uJehova.

UJeremiya 51:28

Lingcweliseleni izi zwe, amakhosi aseMediya , nezinduna zalo , nababusi balo, nalo lonke izwe elibuswa yibo.

UJeremiya 8:1

Ngaleso sikhathi , usho uJehova , bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,

UJoshuwa 10:5

Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama -Amori, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi , nenkosi yaseLakishi , nenkosi yase - Egiloni, ahlangana, akhuphuka, wona nawo onke amabandla awo , amisa malungana neGibeyoni, alwa nalo.

UJoshuwa 10:6

Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu laseGiligali , athi: Ungayekethisi isandla sakho ezincekwini zakho ; shesha ukhuphukele kithi usisindise, usisize, ngokuba onke amakhosi ama -Amori akhile ezintabeni asihlanganyele.

UJoshuwa 11:12

Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba , wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.

UJoshuwa 11:17

kusukela entabeni yaseHalaki kwenyukela eSeyiri , yebo, naseBali Gadi esigodini saseLebanoni ngaphansi kwentaba yaseHermoni ; onke amakhosi abo wawathatha, wawagenca, wawabulala.

UJoshuwa 11:2

nakuwo amakhosi angasenyakatho ezintabeni , nase-Araba ngaseningizimu kwaseKinereti, nasemathafeni, nasezintabeni zaseDori ngasentshonalanga,

UJoshuwa 12:24

inkosi yaseTirisa: inye; onke amakhosi ayengamashumi amathathu nanye.

UJoshuwa 13:3

kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase- Ekroni ngasenyakatho , elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama- Ekroni, nama-Avi,

UJoshuwa 24:12

Ngathuma iminyovu phambi kwenu eyawaxosha phambi kwenu amakhosi omabili ama-Amori, kungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.

UJoshuwa 2:10

Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama -Amori ayengaphesheya kweJordani , oSihoni no -Ogi, enawaqothulayo.

UJoshuwa 5:1

Kwathi onke amakhosi ama -Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela , izinhliziyo zabo zaphela amandla , kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

UJoshuwa 9:1

Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani , ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,

UJoshuwa 9:10

nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no -Ogi inkosi yaseBashani , eyayise-Ashitaroti.

UMika 1:1

Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu , no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda , owalibona ngeSamariya neJerusalema.

UMika 1:14

Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana ; izindlu zase - Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli.

UNehemiya 9:37

Lithelela kakhulu amakhosi owabeke phezu kwethu ngenxa yezono zethu ; abusa phezu kwemizimba yethu naphezu kwezinkomo zethu njengokuthanda kwawo; thina sisekuhluphekeni okukhulu. Abantu benza isivumelwano noNkulunkulu

UNumeri 31:8

Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo : o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani ; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.