Skip to Content

"amasimu"

27 occurrences in ZUL

1 iziKronike 16:32

Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo , amasimu ename nakho konke okukuwo.

1 iziKronike 6:56

Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi , indodana kaJefune.

1 uSamuweli 22:7

USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye : Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini , inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,

1 uSamuweli 8:14

Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo.

AmaHubo 107:37

Balima amasimu, batshala isivini, kwabathelela izithelo.

AmaHubo 96:12

Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi

EkaJakobe 5:4

Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.

NgokukaJohane 4:35

Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na ? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu , nibone ukuthi amasimu asemhl ophe, aselungele ukuvunwa.

NgokukaLuka 6:1

Kwathi ngesabatha wadabula amasimu ; abafundi bakhe bakha izikhwebu , badla bezihlikihla ngezandla.

NgokukaMarku 2:23

Kwathi edabu la amasimu ngesabatha , abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba.

NgokukaMathewu 12:1

Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla.

U-Isaya 16:8

Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunil e kanye nomvini waseSibima ; amakhosi ezizwe achithil e amagatsha awo ; afinyelela naseJazeri , edukela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.

UHabakuki 3:17

Noma umkhiwane ungakhahleli , kungabikho izithelo emvinini , umsebenzi womnqumo uphuthe , amasimu angavezi ukudla , izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,

UJeremiya 29:28

Ngokuba ngalokho uthumile kithi eBabele , wathi: Kuse kude ; yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo.

UJeremiya 29:5

Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo;

UJeremiya 31:40

Sonke isigodi sezidumbu , nesomlotha, nawo onke amasimu kuze kube semfudlaneni iKidroni , kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga kuyakuba ngcwele kuJehova , kungabe kusasis hulwa, kubhidlizwe kuze kube phakade.

UJeremiya 32:43

Amasimu ayakuthengwa kuleli zwe enish o ngalo ukuthi liyincithakalo , lapho kungekho muntu nazilwane khona , nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.

UJeremiya 32:44

Amasimu ayakuthengwa ngemali , kulotshwe encwadini , kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini , nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.

UJeremiya 6:12

Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye , amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sam i kwabakhileyo ezweni , usho uJehova.

UJoshuwa 21:12

Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bamnika khona uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.

UJoweli 1:10

Amasimu achithekile , umhlabathi u yalila, ngokuba amabele achithiwe ; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.

UMika 2:2

Bafisa amasimu , bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.

UMika 2:4

Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani , bakhale isililo , bathi: Sichithiwe nokuchithwa ; isabelo sabantu bami sinikwa omunye ; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.

UNehemiya 5:11

Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo , nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo , nenxenye yekhulu yemali , neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.

UNehemiya 5:5

Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu , abantwana bethu banjengabantwana babo ; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe ; futhi awakho amandla ezandleni zethu , ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.

UNumeri 20:17

ake sidabule izwe lakho ; asiyikudabula amasimu nezivini , singaphuzi amanzi emithombo ; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi , singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.

UmShumayeli 5:9

Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.