Skip to Content

"amathambo"

56 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:31

Kwathi esemmbele, wakhuluma kumadodana akhe, wathi: Lapho sengifile, ngimbeleni ethuneni embelwe kulo lowo muntu kaNkulunkulu, nibeke amathambo ami eceleni kwamathambo akhe.

1 iziKronike 10:12

kwasuka onke amadoda anamandla , asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe , aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

1 uSamuweli 31:13

Athatha amathambo abo , awembela phansi komtamariske eJabeshi , azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

2 AmaKhosi 13:21

Kwathi lapho besammbela umuntu othile , bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe. Ama-Aramu ayahlulwa

2 AmaKhosi 23:16

UJosiya waphenduka , wabona amathuna ayelapho entabeni ; wathumela wakhipha amathambo emathuneni , wawashisa e -altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owameme zela lezi zinto.

2 AmaKhosi 23:18

Wathi: Myekeni; mawanganyakaziswa muntu amatham bo akhe . Base beyeka amathambo akhe kanye namathambo alowo mprofethi owavela eSamariya.

2 AmaKhosi 23:20

Wabulala ema -altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababe lapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.

2 iziKronike 34:5

Wawashisa amathambo abapristi ema -altare abo , wahlambulula uJuda neJerusalema.

2 uSamuweli 21:12

UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawin i saseBeti Shani , lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona , mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.

2 uSamuweli 21:13

Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe.

2 uSamuweli 21:14

Bawembela amathambo kaSawule noJonathani ind odana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise ; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe. Ukulwa kwamaFilisti

AmaHubo 102:3

Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi ; amathambo ashile njengezinkuni.

AmaHubo 102:5

Ngenxa yezwi lokububula kwam i amathambo ami anamathele enyameni yami.

AmaHubo 139:15

Amathambo ami ayengafihlekile kuwe , lapho ngenziwa ekusithekeni , ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

AmaHubo 141:7

Njengalokhu umuntu elima , eklaya umhlabathi , amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.

AmaHubo 22:14

Ngichithiwe njengamanzi ; onke amathambo ami enyele ; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.

AmaHubo 22:17

Ngingabala onke amathambo ami; bayabukela, bangibuke bengiklibhizela.

AmaHubo 32:3

Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke.

AmaHubo 34:20

Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo.

AmaHubo 35:10

Onke amathambo ami azakuthi : Jehova, ngubani onjengawe , wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?

AmaHubo 51:8

Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.

AmaHubo 53:5

Besaba nokwesaba , lapho kungekho okwesabisayo ; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe ; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

AmaHubo 6:2

Yiba nomusa kimi , Jehova, ngokuba ngidangele ; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,

IsiLilo 3:4

Ugugisile inyama yami nesikhumba sami, waphula amathambo ami.

IzAga 15:30

Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo , nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.

IzAga 17:22

Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle , kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.

IzAga 25:15

Ngokubekezela kade isikhulu singavunyiswa , nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.

KwabaseFilipi 2:30

ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo , ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.

NgokukaMathewu 23:27

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

U-Amose 2:1

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.

U-Amose 6:10

Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: Kusekhona muntu kuwe na ? yena esephendula athi : Akusekho, khona wothi : Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.

U-Eksodusi 13:19

UMose wathatha amathambo kaJosefa , wahamba nawo , ngokuba wayebafungisile nokubafungisa abakwa -Israyeli, ethi: Impela uNkulunkulu uyakunihambela nokunihambela , nikhuphule lapha amathambo ami kanye nani.

U-Isaya 38:13

Ngakhala kwaze kwaba sekuseni ; njengengonyama uyaphula onke amathambo ami; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

U-Isaya 58:11

UJehova uyakukuhola njalo , asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho ; uyakuba njengensimu eniselwey o nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.

U-Isaya 66:14

Niyakukubona, izinhliziyo zenu zijabule , amathambo enu ahlume njengohlaza; isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuth i sisezincekwini zakhe , athukuthelele izitha zakhe.

UDaniyeli 6:24

Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli , aphonswa emphandwini wezingonyama , wona nabantwana bawo , nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu k wabo, zachoboza amathambo abo , bengakafinyeleli phansi emphandwini.

UGenesise 50:25

UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.

UHezekeli 24:10

Fumbela izinkuni , ukhwezele umlilo , uqede inyama, wome umhluzi, amathambo ashiswe.

UHezekeli 37:1

Isandla sikaJehova sasiphezu kwami , sangikhipha ngoMoya kaJehova , sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.

UHezekeli 37:11

Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa- Israyeli; bathi: Bheka, amathambo ethu omile , ithemba lethu liphelile , sinqunyiwe.

UHezekeli 37:7

Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe , nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo.

UHezekeli 6:5

Ngiyakubeka izidumbu zabantwana bakwa -Israyeli phambi kwezithombe zabo, ngihlakaze amathambo enu nxazonke zama-altare enu.

UJeremiya 23:9

Ngabaprofethi. Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami , amathambo onke ami ayathuthumela ; nginjengomuntu odakiweyo , njengomuntu owahlulwe yiwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.

UJeremiya 50:17

U-Israyeli uyimvu ezingelwayo ; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase -Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo , inkosi yaseBabele , ugedlile amathambo akhe.

UJeremiya 8:1

Ngaleso sikhathi , usho uJehova , bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,

UJobe 19:20

Amathambo ami anamathel a esikhumbeni sami nasenyameni yami ; ngisinde ngokulambisa kuphela.

UJobe 20:11

Amathambo akhe agcwele ubusha , kepha buyak ulala phansi kanye naye othulini.

UJobe 2:5

Kepha ake welule isandla sakho , uthinte amathambo ak he nenyama yakhe , impela uyakukuthuka ebusweni bakho.

UJobe 30:17

Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa , asuke kimi ; ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.

UJobe 30:30

Isikhumba sami simnyama , siyebuza kimi ; amathambo ami ashile ngokushisa.

UJobe 33:21

Inyama yakhe iyadliwa , ingabe isabonwa ; amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.

UJobe 40:18

Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi ; izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.

UJobe 4:14

ngafikelwa yingebhe nokuthuthumel a okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.

UJoshuwa 24:32

Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa -Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita ayikhulu , laba ifa labantwana bakwaJosefa.

UMika 3:3

enidla inyama yabantu bami , nihlinza kubo isikhumba sabo , naphula amathambo abo , yebo, nibaqoba njengokwasekhanzin i nanjengenyama phakathi kwebhodwe.

UNumeri 24:8

UNkulunkulu wamkh ipha eGibithe ; unjengezimpondo zenyathi kubo ; uyakuqeda izizwe , izitha zakhe , aphule amathambo azo , azigwaze ngemicibisholo yakhe.