"amatshe"
64 occurrences in ZUL
Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda , akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa.
U-Eliya wathath a amatshe ayishumi nambili njengomumo wezizwe zamadodana kaJakobe okweza kuye izwi likaJehova , lathi: Igama lakho lizakuba ngu-Israyeli.
Inkosi yayala , baqopha amatshe amakhulu , amatshe anenani elikhulu , ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.
Nesisekelo sasingamatshe anenani elikhulu , amatshe amakhulu , amatshe ayizingalo eziyishumi, namatshe ayizingalo eziyisishiyagalombili.
Naphezulu kwakungamatshe a nenani elikhulu , amatshe abaziweyo ngezilinganiso, nemisedari.
Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu , amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha , ngaphakathi nangaphan dle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu , nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu.
Babehlomile iminsalo , besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo ; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:
UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa - Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.
Wathatha induku yakhe ngesandla , wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni , wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso , eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.
nabakha ngamatshe , nababaza amatshe , nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa izimfa zendlu kaJehova , yebo, konke okwakhishelwa indlu ukuyilungisa.
Bachitha imizi , naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa , kwaba yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle , kwaze kwasala amatshe aseKhiri Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya.
Kepha u-Asa inkosi wahamba naye wonke uJuda ; basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayelakhe ngakho; wakha ngakho iGeba neMispa. Isiprofetho sikaHanani
bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.
Phakathi kwabo bonke labo bantu kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiweyo angamanxele; onke ayekwazi ukuphonsa amatshe ngisho nasonweleni, engageji.
Izisekelo zogange lomuzi zivunulisiwe ngawo onke amatshe anena ni elikhulu; isisekelo sokuqala siyijaspi , esesibili yisafire , esesithathu yikhalkedoni, esesine yisimaragidu,
Yeka ukufiphala kwegolid e nokuguquka kwegolide elihle ! Amatshe endlu engcwele ahlakazekile ezingosini zazo zonke izitaladi.
Izinsizwa zathwala amatshe okugaya , abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.
AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande.
Base bethatha amatshe ukuba bamkhande . Kepha uJesu wasithela , waphuma ethempelini.
Waphendula wathi: Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.
Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!
Ngomsebenzi womqophi ematsheni , njengokuqoshwa kwendandatho , woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa -Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide.
Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe , abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa -Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.
Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa -Israyeli, abe yishumi nambili njengamagama abo ; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo liyakuba negama lesinye sezizwe eziyishumi nambili.
Wothatha amatshe amabili amashohamu , uqophe kuwo amagama abantwana bakwa-Israyeli,
nangokuqopha amatshe okufakwa , nangokuqopha imithi , yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke.
Izinduna zaletha amatshe amashohamu namatshe okufakwa , awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba,
nangokuqopha amatshe okufakwa , nangokuqopha imithi , ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.
Amatshe ayeyishumi nambili njengamagama amadodana ka -Israyeli, njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo lalinegama lakhe kuzo izizwe eziyishumi nambili.
Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu , lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe , lapho enza ukuba onke amatshe e - altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera nama- altare empepho.
Thatha amatshe okugaya , ugaye impuphu , uyisuse imvakazi yakho , uwukhumule umhushuzo wakho, wambule umlenze, uwele imifula.
Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe ungaduduzwanga, bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle, ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.
wasimba, wakhipha amatshe aso , wasitshala ngomvini omuhle , wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso , waqopha isikhamo kuso , wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.
Phumani, niphume ngamasango , niyilungise indlela yabantu ; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.
Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka,
Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili z amatshe, izibhebhe zesivumelwano.
Wathi uJakobe kubafowabo: Buthani amatshe , bathatha amatshe , benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba.
Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni, nomshayo uyakuwaphendula usemithini.
Bayakuphanga imfuyo yakho , bagcugce impahla yakho ethengiswayo , babhidlize izingange zakho , badilize izindlu zakho ezinhle , babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.
Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho , benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili , nangawo onke amatshe anqabileyo , nangegolide.
Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu ; onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho , isardiyu, netopazi, nedayimani, neshohamu, nejaspi, nesafire, nesimaragidu, nekrisolithe; nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide, zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.
Kwakungamatafula amane omnikelo wokushiswa amatshe abaz iweyo, ubude buyingalo nenxenye , nobubanzi buyingalo nenzenye , nokuphakama kuyingalo, ababeka phezu kwawo izinto abahlaba ngazo umnikelo wokushiswa nomhlatshelo.
Zibekele amatshe , zimisele iziqondiso zendlela ; yibeke inhliziyo yakho emendweni, indlela owahamba ngayo; buya, ntombi yakwa-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho.
Thatha ngesandla sakho amatshe amakhulu , uwashiqele odakeni kuhonela ongasemnyango wendlu kaFaro eThahipanesi emehlweni abantu bakwaJuda,
amanzi ayagubha amatshe ; ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba; kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.
Insimbi iyakhishwa emhlabathini; amatshe ayancibilikiswa abe yithusi.
Ubumnyama bubekelwa umkhawulo ; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.
Amatshe awo ayindawo yamasafire; inothuli lwegolide.
Umcibisholo awunakumxosha; amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.
Pho, amandla ami angamandla amatshe yini? Inyama yami iyithusi na?
Kwathi besabalekela u -Israyeli behla eBeti Horoni , uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu , ehla ezulwini , baze bafika e -Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.
UJoshuwa wathi : Gingqelani amatshe amakhulu emlonyeni womhume , nibeke amadoda ngakuwo ukuba awalinde;
Kwathi ngesikhathi sokushona kwe langa uJoshuwa wayala , bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona , babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla. Ukunqotshwa kwemizi ngaseningizimu yaseKhanani
niwayale nithi : Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani , endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile , amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.
Abantwana bakwa -Israyeli benza -ke njengalokho uJos huwa ebayalile , bakhipha amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani , njengalokho uJehova ekhulumile kuJoshuwa , njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli; bawela nawo, baya endaweni yokulala, bawabeka khona.
UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.
bheka, khona umpristi woyala ukuba bakhiphe amatshe isifo esikuwo , bawalahle endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi;
Bothabatha amanye amatshe , bawafake endaweni yalawo matshe , bathabathe olunye udaka, bayinameke indlu.
Woyibhidliza, amatshe ayo namapulangwe ayo nalo lonke udaka lwendlu akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.
Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendl e nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo.
Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?
UJehova Sebawoti uyakubavikela , badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini , bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.
Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo, nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
isikhathi sokuphonsa amatsh e nesikhathi sokuqoqa amatshe , isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni;