Skip to Content

"amawundlu"

17 occurrences in ZUL

2 iziKronike 29:22

Base bezihlaba izinkunzi; abapristi bamukela igazi, bafafaza ngalo i-altare; bazibulala izinqama , bafafaza i -altare ngegazi ; bawabulala amawundlu , bafafaza i-altare ngegazi.

2 iziKronike 35:7

UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi , onke abengaweminikelo yephasika , umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.

2 iziKronike 35:8

Izikhulu zakhe zabanika abantu , nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle . OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwa ne ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.

2 iziKronike 35:9

OKhonaniya, noShemaya, noNethaneli, abafowabo, noHashabiya noJehiyeli, noJozabadi, izinduna zamaLevi , bawanika amaLevi amawundlu ayizinkulungwane eziyisihl anu nezinkabi ezingamakhulu ayisihlanu , kube ngokweminikelo yephasika.

IzAga 17:12

Umuntu makahlangane nebhere elaphuciwe amawundlu al o kunesiwula ebuwuleni baso.

NgokukaJohane 21:15

Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na ? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda . Wathi kuye: Yipha amawundlu ami.

U-Amose 6:4

Balele emibhedeni yophondo lwendlovu , bacambalala ezinkukhweni zabo ; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.

U-Eksodusi 12:21

UMose wayesebiza amalunga akwa -Israyeli, wathi kuwo : Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.

U-Eksodusi 29:38

Yilokhu oyakunikela ngakho e-altare: amawundlu amabili anomnyaka munye imihla ngemihla njalo.

U-Isaya 16:1

Thumani amawundlu ombusi wezw e aphume eSela ngasehlane , aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.

U-Isaya 40:11

Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane. Ngubani onjengoNkulunkulu na?

U-Isaya 5:17

Amawundlu ayakuklaba nje ngasemadlelweni awo , nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.

UDuteronomi 32:14

namangqanga ezinkomo , nobisi lwezimvu , namafutha amawundlu , nezinqama zohlobo lwaseBashani , nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni ; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.

UGenesise 30:40

UJakobe wayesahlukanisa amawundlu , wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani ; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.

UHezekeli 19:2

Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama! Yabuthisa phakathi kwamabhongo, yondla amawundlu ayo.

UHoseya 13:8

Ngitheleka phezu kwabo njengebhere elaphuciwe amawundlu alo , ngidwengula ubhedu lwenhliziyo , ngibadle njengengonyamakazi , isilwane sasendle sibaqaqe.

UJobe 4:11

Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango ; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.