Skip to Content

"anaki"

16 occurrences in ZUL

AbAhluleli 1:20

Bamnika uKalebi iHebroni , njengalokho ebekhulumile uMose ; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.

UDuteronomi 1:28

Siyakukhuphukelaphi na ? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi : Abantu bakhulu , bade kunathi ; imizi mikhulu , ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.

UDuteronomi 2:10

Kwakuhlala khona kuqala ama -Emi, abantu abakhulu , abaningi, abade njengama-Anaki;

UDuteronomi 2:11

laba bathiwa namaRefa njengama -Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.

UDuteronomi 2:21

abantu abakhulu , abaningi, abade njengama -Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,

UDuteronomi 9:2

abantu abakhulu nabade , amadodana ama -Anaki owaziyo , ozwile ngawo ukuthi: Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?

UJoshuwa 11:21

UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi , wanquma ama -Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda , nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.

UJoshuwa 11:22

Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa -Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.

UJoshuwa 14:12

Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku , ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama -Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo ; mhlawumbe uJehova uyakuba nami , ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.

UJoshuwa 14:15

Igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki. Izwe lase liphumula ekulweni.

UJoshuwa 15:13

Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa , umuzi ka-Araba uyise ka- Anaki, oyiHebroni.

UJoshuwa 15:14

UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka -Anaki, oSheshayi, no- Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.

UJoshuwa 21:11

Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.

UNumeri 13:22

Benyukela ngaseningizimu , bafika eHebroni ; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.

UNumeri 13:28

Nokho abantu abakhe ezweni banamandla , imizi ibiyelwe , mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.

UNumeri 13:33

Sabona khona iziqhwaga , amadodana ka -Anaki ayela eziqhwageni ; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.