Skip to Content

"angithandi"

10 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 10:1

Ngokuba angithandi , bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;

1 kwabaseKorinte 10:20

Kodwa ngithi : Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni , kabakuhlabeli uNkulunkulu . Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni.

1 kwabaseKorinte 12:1

Kepha maqondana neziphiwo zokomoya angithandi , bazalwane, ukuba ningabi nakwazi.

3 kaJohane 1:13

Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki nosiba;

IzEnzo 18:15

kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi , nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.

KwabaseRoma 11:25

Ngokuba angithandi , bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo , funa nizishaye abahlakaniphileyo , ukuthi inxenye ka -Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;

KwabaseRoma 1:13

Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe.

NgokukaMathewu 15:32

UJesu wayesebabiza abafun di bakhe , wathi: Ngiyasihawukela isixuku , ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi , singenanto yokudla ; angithandi ukubamukisa belambile , funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.

NgokukaMathewu 21:29

Yaphendula yathi: Angithandi; kodwa ngasemuva yaguquka, yaya.

UDuteronomi 25:8

Amalunga omuzi wakhe ayakumbiza , akhulume naye; uma emi eqinisa ngokuthi: Angithandi ukumthatha,