Skip to Content

"asejeriko"

8 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 25:5

Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi , yayifica emathafeni aseJeriko , yonke impi yayo yahlakazeka.

2 AmaKhosi 2:15

Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye , athi: Umoya ka -Eliya uhlezi phezu kuka -Elisha. Afika ukumhlangabeza , akhothamela phansi phambi kwakhe.

UJeremiya 39:5

Kepha impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uSedekiya emahlane aseJeriko , yambamba, yamkhuphulela kuNebukadinesari , inkosi yaseBabele , eRibila ezweni laseHamati, wamahlulela.

UJeremiya 52:8

Kodwa impi yamaKaledi yayixosha ink osi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.

UJoshuwa 16:1

Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga , ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele;

UJoshuwa 24:11

Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama- Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu.

UJoshuwa 4:13

kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi , baye emathafeni aseJeriko.

UJoshuwa 5:10

Abantwana ba kwa-Israyeli bamisa eGiligali , bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.