Skip to Content

"babefungile"

5 occurrences in ZUL

2 iziKronike 15:15

Wonke uJuda wathokoza ngesifungo , ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo , bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo ; wafunyanwa yibo ; uJehova wabaphumuza nxazonke.

2 uSamuweli 21:2

Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni , yakhuluma kubo , abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama -Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo ; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;

AbAhluleli 21:1

Abantu bakwa -Israyeli babefungile eMispa , bethi: Akuyikubakho muntu oyakunika owakwaBenjamini indodakazi yakhe ibe ngumkakhe.

AbAhluleli 21:18

Kepha asinakubanika nokho amadodakazi ethu abe ngomkabo , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli babefungile bethi : M akaqalekiswe onika owakwaBenjamini umfazi.

UNehemiya 6:18

Ngokuba abaningi bakwaJuda babefungile kubo , ngokuba wayengumkhwenyana kaShekaniya indodana ka -Ara; indodana uJehohanani yayithathile indodakazi kaMeshulamu indodana kaBerekiya.