Skip to Content

"babona"

31 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:25

Bheka, abantu badlula , babona isidumbu sintshingwe endleleni nengonyama imi eceleni kwesidumbu , bafika bakhuluma ngakho emzini ayehlala kuwo lowo mprofethi omdala.

1 AmaKhosi 3:28

U-Israyeli wonke we zwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi ; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.

1 uSamuweli 14:16

Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona , bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.

2 AmaKhosi 13:21

Kwathi lapho besammbela umuntu othile , bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe. Ama-Aramu ayahlulwa

2 AmaKhosi 6:20

Kwathi sebefike eSamariya , u-Elisha wathi : Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone . UJehova wavula amehlo abo , babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.

AbAhluleli 18:7

Base bemuka labo bantu abayisihlanu , bafika eLayishi , babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendl ela yamaSidoni , benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.

AbAhluleli 20:41

Base bephenduka abantu bakwa -Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.

AmaHubo 107:24

Laba babona imisebenzi kaJehova nezimangaliso zakhe ekujuleni.

AmaHubo 95:9

lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya, babona umsebenzi wami.

IzEnzo 12:16

Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha ; sebevulile babona ukuthi nguye , bamangala.

IzEnzo 27:39

Sekusile, abalazanga izwe , kepha babona itheku elithile elinesihlabathi abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka.

IzEnzo 6:15

Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.

NgokukaJohane 1:39

Wathi kubo: Wozani nibone. Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona ; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.

NgokukaJohane 21:9

Kuthe sebephumele emhlabathini , babona umlilo wamalahle , nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa.

NgokukaJohane 6:19

Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu , babona uJesu ehamba phezu kolwandle , esondela emkhunjini; bethuka.

NgokukaLuka 24:37

Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo.

NgokukaLuka 9:32

UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo ; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.

NgokukaMarku 11:20

Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni.

NgokukaMarku 15:47

OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.

NgokukaMarku 16:4

Bathi ukubheka , babona ukuthi itshe seligingqiwe ; ngokuba lalilikhulu kakhulu.

NgokukaMarku 16:5

Kuthe bengena ethuneni , babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.

NgokukaMarku 9:14

Kwathi sebeza kubafundi , babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.

U-Eksodusi 20:18

Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani , nezwi lecilongo , nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.

U-Isaya 9:2

Abantu abahamba ebumnyamen i babona ukukhanya okukhulu ; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.

UDaniyeli 3:27

Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawo madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yaw o, kungahamukanga lunwele olulodwa emakhanda awo , engaguqukanga amayembe awo, lingasondelanga kuwo nephunga lomlilo.

UGenesise 12:14

Kwathi u-Abrama efika eGibithe , abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.

UGenesise 37:25

Bahlala phansi ukuba badle isinkwa ; baphakamisa amehlo abo , babona; bheka, kwafika ihele labakwa -Ishmayeli livela kwaGileyadi , linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu nemure, likwewusela eGibithe.

UGenesise 37:4

Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke ; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.

UGenesise 3:7

Ayesevuleka amehlo abo bobabili , babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.

UGenesise 9:23

OShemi noJafete bathatha ingubo , bayifaka emahlombe abo bobabili , bahamba nyovane , basibekela ubunqunu bukayise ; ubuso babo babubh eka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.

UJobe 2:13

Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.