Skip to Content

"bafumana"

18 occurrences in ZUL

1 iziKronike 4:40

Bafumana idlelo elivundileyo nelihle ; izwe lalibanzi nxazombili , lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.

1 uSamuweli 30:11

Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi;

1 uSamuweli 9:11

Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: Umboni ukhona na?

AbAhluleli 1:5

EBezeki bafumana u -Adoni Bezeki , balwa naye , bawabulala amaKhanani namaPherizi.

AbAhluleli 21:12

Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo ; baziyisa ekamu eShilo elisezweni laseKhanani.

IzEnzo 13:6

Sebedabule isiqhingi sonke , baze bafika ePhafu , bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu,

IzEnzo 19:19

Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke ; bahlanganisa amanani azo , bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

IzEnzo 27:28

Base bephonsa intambo yokulinganisa , bafumana kung amafatome angamashumi amabili ; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi , bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu;

NgokukaLuka 19:32

Ababethunyiwe bahamba-ke, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo.

NgokukaLuka 22:13

Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.

NgokukaLuka 24:2

Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni.

NgokukaLuka 24:33

Base besuka ngasona leso sikhathi , baphindela eJerusalema , bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye,

NgokukaLuka 7:10

Ababethunyiwe sebebuyele ekhaya bafumana inceku isindile. Indodana yomfelokazi waseNayini ivuswa ekufeni

NgokukaMarku 11:4

Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula.

NgokukaMarku 14:16

Bahamba abafundi bafika emzini , bafumana kunjengokusho kwakhe kubo ; base belungisa iphasika.

UGenesise 11:2

Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ez weni laseShineyari; bakha khona.

UJeremiya 31:2

Usho kanje uJehova , uthi: Abantu abasele enkembeni bafumana umusa ehlane, lapho u-Israyeli eya khona ukuthola ukuphumula kwakhe.

UNumeri 15:32

Abantwana bakwa-Israyeli besesehlane bafumana umuntu otheza izinkuni ngosuku lwesabatha.