"bakankulunkulu"
29 occurrences in ZUL
Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu , naye ongamthandi umzalwane wakhe.
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu , kepha akukabonakali esiyakuba yikho . Siyazi ukuthi , nxa ebonakaliswa , siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu , nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.
Wathi-ke owesifazane: Uqambeleni okunjalo ngabantu bakaNkulunkulu na? Ngokukhuluma leli zwi inkosi injengonecala, lokhu inkosi ingabuyisi oxoshiweyo wayo.
Izinhloko zabantu bonke , izizwe zonke zakwa -Israyeli, zafika ebandleni labantu bakaNkulunkulu , abantu abayimigundatshani ; abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, abahlome inkemba.
Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. Ukukhululwa kukaSathane
Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi : Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila , kanti ufile.
Nasesihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani , namazwi, nokuduma; nezibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi , ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu;
Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe , linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.
UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu,
kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni,
Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.
ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala , abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,
Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu , abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo , nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,
kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma , ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Isifiso sikaPawulu ukushumayela ivangeli eRoma
Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunku lu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.
Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.
Uma-ke singabantwana , siyizindlalifa futhi , izindlalifa zikaNkulunkulu , izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye , ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye. Abantwana bakaNkulunkulu bayakungena ebukhosini emva kwezinhlupheko
Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.
Ngubani ozakuman galela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na ? UNkulunkulu ungolungisisayo;
nasendaweni lapha kwathiwa kubo : Anisibo abantu bami , lapho bayakubizwa ngokuthi: Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.
Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama abangabantwana bakaNkulunkulu labo, kodwa abantwana besithembiso bathiwa inzalo.
Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,
ngokuba bangebuye bafe , banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka.
Babusisiwe abalamulayo , ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.
Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa , indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema ; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.