Skip to Content

"bakholwa"

25 occurrences in ZUL

AmaHubo 106:12

Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe.

IzEnzo 13:48

Kwathi abezizwe bekuzwa lokho , bathokoza, balidumisa izwi leNkosi ; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.

IzEnzo 17:12

Ngakho abaningi kubo bakholwa , nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.

IzEnzo 18:8

Kepha uKrispu umphathi wesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa.

IzEnzo 4:4

Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa ; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.

IzEnzo 9:42

Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.

NgokukaJohane 10:42

Abaningi bakholwa nguye lapho.

NgokukaJohane 11:45

Khona abaningi kubaJuda ababezile ku Mariya bebona abekwenzile , bakholwa nguye.

NgokukaJohane 12:11

ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu. UJesu ungena eJerusalema (Math. 21:1; Mark. 11:1; Luk. 19:29)

NgokukaJohane 12:42

Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;

NgokukaJohane 17:8

Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona , bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.

NgokukaJohane 2:11

Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye. Abathengisi ethempelini

NgokukaJohane 2:22

Kuthe esevukile kwabafileyo , abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.

NgokukaJohane 2:23

Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini , abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;

NgokukaJohane 4:41

Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.

NgokukaJohane 7:31

Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye , bathi: UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?

NgokukaJohane 8:30

Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye.

NgokukaLuka 24:11

Kepha lawo mazwi aba n jengokukhuluma okuyize kubo , kabaze bakholwa yibo.

NgokukaLuka 8:13

Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile , balamukele izwi ngokuthokoza ; kepha laba kabanampande , bakholwa isikhasha na nje , kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.

NgokukaMarku 16:11

Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye , abaze bakholwa.

NgokukaMarku 16:13

Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa.

NgokukaMathewu 21:32

Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga , anikholwanga nguye ; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye ; kodwa nina , khona nikubona , aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye. Umfanekiso wabalimi besivini (Mark. 12:1; Luk. 20:9)

U-Eksodusi 14:31

U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova , bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.

U-Eksodusi 4:31

Abantu bakholwa -ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo , base bekhothama , bakhuleka.

UJona 3:5

Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamas aka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.