Skip to Content

"bangangeni"

5 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:2

abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwa-Israyeli ukuthi: Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo . Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando.

NgokukaLuka 21:21

Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.

UHezekeli 13:9

Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami , bangalotshwa encwadini yendlu yakwa -Israyeli, bangangeni ezweni lakwa -Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UHezekeli 20:38

ngihlunge kini abahlubuki nabeqayo kimi , ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona , bangangeni ezweni lakwa -Israyeli kodwa , nazi ukuthi nginguJehova.

UNumeri 32:9

Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase -Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.