Skip to Content

"banikela"

23 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:62

Inkosi naye wonke u -Israyeli enayo banikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova.

1 iziKronike 16:1

Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu , bawubeka phakathi netende uDavide ayelimisele wona ; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.

1 iziKronike 29:21

Bamhlabela uJehova imihlatshelo , banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova ngangomuso emva kwalolo suku , izinkunzi eziyinkulungwane , nezinqama eziyinkulungwane, namawundlu ayinkulungwane kanye neminikelo yakho yokuphuzwa, nemihlatshelo eminingi ngo-Israyeli wonke;

1 iziKronike 29:9

Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo , ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova; naye uDavide inkosi wajabula ngokujabula okukhulu. Ukubonga nokukhuleka kukaDavide

1 uSamuweli 6:14

Inqola yangena ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi, yema khona, lapho kwakukhona itshe elikhulu ; babanda inqola yaba yizinkuni , banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

1 uSamuweli 6:15

AmaLevi ayethulile umphongolo kaJehova nebhokisi elalinawo , okwakukulo impahla yegolide , akubeka etsheni elikhulu ; abantu baseBeti Shemeshi banikela ngeminikelo yokushiswa , bahlabela uJehova imihlatshelo ngalolo suku.

2 iziKronike 24:14

Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada , benza ngayo izitsha zendlu kaJehova , izitsha zokukh onzela nezokunikelela , nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva . Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.

2 iziKronike 31:5

Lanele ukusakazeka nje leli zwi , abantwana bakwa -Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele , nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.

AbAhluleli 20:26

Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa -Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova , bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa ; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.

AbAhluleli 21:4

Kwathi ngakusasa abantu bavuka ekuseni , bakha khona i -altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula.

IzEnzo 27:1

Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e -Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu , igama layo linguJuliyu , eyebutho likaKesari.

U-Eksodusi 32:6

Bavuka ekuseni ngakusasa , banikela ngeminikelo yokushis wa, baletha iminikelo yokuthula ; abantu bahlala phansi ukuba badle , baphuze; bavuka ukuyodlala. Intukuthelo kaJehova nomkhuleko kaMose

U-Ezra 10:19

Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo ; lokhu benecala , banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.

U-Ezra 3:3

Balimisa i -altare endaweni yalo , ngokuba babe novalo ngenxa yabantu balawo mazwe , banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo , yebo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa.

U-Ezra 3:4

Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo , banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,

U-Ezra 6:17

Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili , nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli.

U-Ezra 8:35

Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka -Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u - Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha , namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhomb isa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova.

UJoshuwa 8:31

njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa -Israyeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose , i-altare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga muntu insimbi ; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula.

ULevitikusi 10:1

ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo , babeka impepho phezulu , banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.

ULevitikusi 21:6

Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo , bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo , ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova , isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.

UNehemiya 12:43

Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku , bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu ; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema. Ukubuyiselwa kokweshumi

UNumeri 16:38

imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayak ulimboza i -altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele ; iyakuba luphawu kubantwana bakwa - Israyeli.

UNumeri 23:2

UBalaki wenza-ke njengalokho uBileyamu ekhulumile ; oBalaki noBileyamu banikela kulelo nalelo altare inkunzi nenqama.