Skip to Content

"banikele"

13 occurrences in ZUL

1 iziKronike 16:40

ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe -altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,

1 iziKronike 29:17

Ngiyazi, Nkulunkulu wami , ukuthi uhlola inhliziyo , uthanda ubuqotho . Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.

2 iziKronike 29:21

Baletha izinkunzi eziyisikhombisa , nezinqama eziyisikhombisa , namawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wokona ngombuso nangendlu engcwele nangoJuda . Wayaleza abapristi , amadodana ka-Aroni, ukuba banikele ngakho e-altare likaJehova.

2 iziKronike 35:12

Ayisusa iminikelo yokushiswa ukuba ayabele njengamaqembu ezindlu zawoyise babantu besizwe , ukuze banikele ngayo kuJehova njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Enze njalo nakuzo izinkabi.

NgokukaLuka 2:24

banikele ngomhlatshelo nj engokushiwo emthethweni weNkosi : Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.

U-Ezra 3:2

Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki , nabafowabo abapristi , noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli , nabafowabo, bakha i -altare likaNkulunkulu ka -Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.

U-Ezra 6:10

ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.

UDaniyeli 2:46

Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

UHezekeli 43:24

Uyakukusondeza phambi kukaJehova , abapristi bathele usawoti kukho , banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

UHezekeli 44:15

Kepha abapristi bamaLevi , amadodana kaSadoki , ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa -Israyeli beduka kimi , bayakusondela kimi , bangikhonze, beme phambi kwami , banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;

ULevitikusi 10:19

U-Aroni wathi kuMose : Bheka-ke, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangomnikelo wabo wokushiswa phambi kukaJehova ; nokho ngehlelwe yilokhu mina ; uma bengidlile umnikelo wesono namuhla , bekuzakwamukeleka emehlweni kaJehova na?

ULevitikusi 17:5

Ngalokho abantwana bakwa -Israyeli bayakuletha imi hlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova.

ULevitikusi 7:38

uJehova amyala ngawo uMose entabeni yaseSinayi mhla eyala abakwa - Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yabo kuJehova ehlane laseSinayi.