"baphile"
13 occurrences in ZUL
Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.
Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.
Lobo bufakazi buqinisile . Ngalokho-ke ubayalisise , ukuze baphile ekukholweni,
Abafileyo ababuyi baphile , izithunzi azibuyi zivuke ; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.
Kepha abafiley o bakho bayakubuye baphile , izidumbu zabo zivuke . Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini , ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.
Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi komlilo, njengalokho wena uzwile, baphile, na?
Wayesethi kimi : Profetha kuwo umoya , profetha, ndodana yomuntu , uthi kuwo umoya: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.
Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe , babuye baphile njengamabele , bakhahlele njengomvini, igama lakhe lodumo libe njengomvini waseLebanoni.
UJoshuwa w abethembisa ukuthula , wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.
Siyakwenza lokho kubo , sibayeke baphile , funa sehlelwe lulaka ngenxa yesifungo esasifunga kubo.
Izikhulu zase zithi kubo : Mabayekwe baphile ; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.
kepha ukuba baphile , bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo : u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;
Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu , bayakungikhumbula ezindaweni ezikude, baphile kanye nabantwana babo, babuye.