Skip to Content

"baqala"

22 occurrences in ZUL

2 iziKronike 29:17

Baqala ukungcwelisa ngolokuqala lwenyanga yokuqala ; ngosuku lwesishiyagalombili lwenyanga bafika emphemeni kaJehova , bayingcwelisa indlu kaJehova ngezinsuku eziyisishiyagalombili ; ngosuku lweshumi nesithupha lwenyanga yokuqala baqeda.

2 iziKronike 31:7

Ngenyanga yesithathu baqala ukubeka izisekelo zezinqwaba , ngenyanga yesikhombisa baziqeda.

AbAhluleli 20:31

Abantwana bakwaBenjamini baphuma ukulwa nabantu , badonswa, baphuma emzini ; baqala ukubulala nokuceka abantu njengakwezinye izikhathi emendweni, omunye okhuphukela eBethele , omunye oya eGibeya ensimini, kungathi amadoda angamashumi amathathu kwa-Israyeli.

IzEnzo 2:4

Base begcwala bonke uMoya oNgcwele , baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

NgokukaJohane 18:13

baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka.

NgokukaLuka 11:53

Kuthe ephuma lapho , ababhali nabaFarisi baqala ukumzonda kabi nokumbuzisisa ngokuninginingi,

NgokukaLuka 14:18

Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye ; owokuqala wathi kuye : Ngithengile insimu , kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone ; ngiyakuncenga, mawungilandulele.

NgokukaLuka 23:2

Baqala ukumthwesa icala , bathi: Simfumene lo edukisa isizwe sakithi , enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.

NgokukaLuka 5:21

Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi : Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?

NgokukaLuka 7:49

Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi : Ngubani lo othethelela nezono na?

NgokukaMarku 10:41

Bathi ukuzwa lokho abayishumi , baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane.

NgokukaMarku 14:19

Baqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye: Kungaba yimi na?

NgokukaMarku 2:23

Kwathi edabu la amasimu ngesabatha , abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba.

NgokukaMarku 6:55

Bagijimela kulo lonke lelo zwe , baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka , lapho bemuzwa ukuthi ukhona.

NgokukaMarku 8:11

Khona kwafika abaFarisi , baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

NgokukaMathewu 12:1

Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla.

NgokukaMathewu 26:22

Badabuka kakhulu , baqala ukusho kuye , kwaba yilowo , nalowo, ukuthi: Kungaba yimi, Nkosi, na?

U-Ezra 3:6

Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa.

U-Ezra 3:8

Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endli ni kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele , indodana kaSheyalitiyeli , noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi , namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.

U-Ezra 5:2

Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa , indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema ; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.

UGenesise 4:26

Naye uSeti wazala indodana , wayiqamba igama layo ngokuthi u -Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.

UNumeri 25:1

U-Israyeli wahlala eShithimi ; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi,