Skip to Content

"bashiya"

8 occurrences in ZUL

1 iziKronike 10:7

Lapho bonke abantu bakwa -Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile , bashiya imizi yabo , babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

1 iziKronike 6:49

Kepha u -Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e -altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u -Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.

1 uSamuweli 31:7

Lapho abantu bakwa -Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa -Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

2 AmaKhosi 17:16

Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunku lu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabil i, benza no -Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.

NgokukaLuka 5:11

Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela. UJesu uphilisa umuntu onochoko (Math. 8:1; Mark. 1:40)

U-Eksodusi 16:20

Kodwa abamlalelanga uMose ; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa , kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.

UGenesise 50:8

nendlu yonke kaJosefa , nabafowabo, nendlu kayise ; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.

UJona 2:8

Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.