Skip to Content

"basondela"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:30

U-Eliya wayesethi kubantu bonke: Sondelani kimi. Bonke abantu basondela kuye. Wayeselungisa i-altare likaJehova elalidiliziwe.

AbAhluleli 20:24

Abantwana bakwa -Israyeli basondela kubantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesibili.

AmaHubo 107:18

Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla ; basondela emasangweni okufa.

NgokukaMathewu 13:36

Khona wazishiya izixuku , weza endlini . Basondela kuye abafundi bakhe , bathi: Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.

NgokukaMathewu 18:1

Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu , bathi: Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?

NgokukaMathewu 26:50

UJesu wayesethi kuye : Mngane, ubabeleni na? Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba.

NgokukaMathewu 26:73

Emva kwesikhashana ababemi khona basondela , bathi kuPetru : Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.

NgokukaMathewu 8:25

Basondela, bamvusa, bathi: Nkosi, sisindise, safa.

U-Eksodusi 34:32

Ngasemuva bonke abantwana bakwa-Israyeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulume kuye entabeni yaseSinayi.

UGenesise 19:9

Bathi: Suka lapha! Bathi futhi: Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale ; usefuna ukwahlulela ; manje siyakukuh lupha wena kunabo . Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

UGenesise 45:4

UJosefa wayesethi kubafowabo : Ake nisondele kimi . Basondela-ke. Wayesethi: NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.

UJoshuwa 14:6

AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali ; uKalebi indodana kaJefune , umKhenizi, wathi kuye : Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.

UJoshuwa 8:11

Bonke abantu bempi ayenabo bakhuphuka , basondela, baya phambi komuzi, bamisa ngasenyakatho kwase -Ayi; kwakukhona isigodi phakathi kwakhe ne-Ayi.

UNumeri 32:16

Basondela kuye , bathi: Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi;