Skip to Content

"basuke"

8 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 18:17

Inkosi yase -Asiriya yathuma oTharithani , noRabi Sarisi , noRabi Shake ukuba basuke eLakishi , baye enkosini uHezekiya eJerusalema , benempi enkulu. Benyuka bafika eJerusalema. Sebenyukile bafika, bema ngasemseleni wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi.

2 iziKronike 35:15

Abahlabeleli, amadodana ka -Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide , no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.

2 kwabaseThesalonika 1:9

abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade , basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,

IzEnzo 26:18

ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni , baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane , baphendukele kuNkulunkulu , ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.

U-Eksodusi 8:2

Uma wenqaba ukuba basuke , bheka, mina ngiyakushaya izwe lakho lonke ngamasele;

U-Eksodusi 8:21

Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke , bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho , nasezindlini z akho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.

UJeremiya 49:19

Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo ; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo , ngokuba ngubani onjengami , ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?

UJeremiya 50:44

Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo ; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo , ngokuba ngubani onjengami , ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?