Skip to Content

"bayakubuyela"

7 occurrences in ZUL

AmaHubo 9:17

Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo , bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.

U-Eksodusi 18:23

Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.

U-Isaya 19:22

UJehova uyakulishaya iGibithe , elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.

UHezekeli 16:55

Odadewenu, iSodoma namadodakazi alo , bayakubuyela esimweni sabo sokuqala, neSamariya namadodakazi alo bayakubuyela esimweni sabo sokuqala, wena namadodakazi akho nibuyele esimweni senu sokuqala.

UJeremiya 15:19

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Uma ubuya , ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami ; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala , uyakuba ngumlomo wami ; laba bayakubuyela kuwe , kepha wena awuyikubuyela kubo.

UJeremiya 24:7

Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova ; bayakuba ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo , ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.

UJeremiya 31:17

Kukhona ithemba lokugcina kwakho , usho uJehova ; abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.