Skip to Content

"bayakufika"

13 occurrences in ZUL

NgokukaLuka 13:29

Bayakufika bevela empumalanga , nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu.

U-Isaya 45:24

Kuyakuthiwa: KuJehova kuphel a nginokulunga namandla . Bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo.

UHezekeli 11:18

Bayakufika khona, basuse lapho konke okuzondekayo kwalo nazo zonke izinengiso zalo.

UHezekeli 23:24

Bayakufika kuwe benezikhali , nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu , nezihlangu, nezigqoko nxazonke , nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.

UJeremiya 17:26

Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa , nemihlatshelo, neminikelo yempuphu , nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.

UJeremiya 31:12

Bayakufika, bahlabelele ngokujabul a ekuphakameni kwaseSiyoni , bagobhozele kukho okuhle kukaJehova , yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane e zimvu nawezinkomo , umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.

UJeremiya 31:9

Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo , ngokuba nginguyise ka - Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.

UJeremiya 50:4

Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi , usho uJehova, bayakufika abantwana bakwa-Israyeli, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, behamba bekhala, befuna uJehova uNkulunkulu wabo.

UJeremiya 6:3

Abelusi bayakufika kuyo benemihlambi yabo , bamise amatende abo ngakuyo nxazonke, baluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.

UMika 7:12

Ngalolo suku bayakufika kuw e bevela e -Asiriya nasemizini yaseGibithe , kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni , kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.

UNehemiya 6:10

Ngase ngiya endlini kaShem aya indodana kaDelaya kaMehetabeli owayezivalele. Wathi: Masihlangane endlini kaNkulunkulu phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakufika ukukubulala, yebo, ebusuku bayakufika bakubulale.

UZakariya 14:21

Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika , bathathe kuwo , bapheke kuwo , kungabe kusabakho mthengisi ngalolo suku endlini kaJehova Sebawoti.

UZakariya 6:15

Abakude bayakufika, bakhe ithempeli likaJehova , nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini . Kuyakwenzeka, uma nilalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.