Skip to Content

"bayakukhubeka"

9 occurrences in ZUL

IzAga 24:16

Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa , abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.

NgokukaMathewu 24:10

Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane.

U-Isaya 8:15

Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka , bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe.

UHoseya 14:9

Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto ; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile ; abalungileyo bayakuhamba ngazo , kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

UHoseya 5:5

Ukuzidla kuka -Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe ; o-Israyeli no -Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

UJeremiya 20:11

Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu , ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

UJeremiya 6:15

Bayakuba namahloni , ngokuba benza izinengiso ; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo ; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.

UJeremiya 8:12

Bayakuba namahloni , ngokuba be nza izinengiso ; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo , ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.

ULevitikusi 26:37

Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.