Skip to Content

"bekhala"

22 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 30:4

UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka , bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.

2 uSamuweli 15:30

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo , enyuka ekhala , egubuzele ikhanda , engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela , kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.

AbAhluleli 6:6

Abakwa-Israyeli baphela amandla ngenxa yakwaMidiyani; base bekhala abantwana bakwa-Israyeli kuJehova.

AmaHubo 107:13

Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.

AmaHubo 107:19

Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.

AmaHubo 107:28

Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.

AmaHubo 107:6

Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.

IsAmbulo 18:15

Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila,

IsAmbulo 18:19

Base bethela uthuli emakhanda abo , badazuluka bekhala , belila bethi : Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho , ngokuba ngehora linye nje uchithekile!

IzEnzo 9:39

Wayesesuka uPetru , wahamba nabo . Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala , bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

NgokukaJohane 11:33

Ngakho uJesu embona ekhala , nabaJuda abafika naye bekhala , wabubula emoyeni, wakhathazeka;

NgokukaMarku 16:10

Yena wahamba wababikela labo ababe naye uJesu, besalila bekhala.

U-Isaya 15:5

Inhliziyo yami ikhalela uMowabi ; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora , nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.

UHezekeli 9:4

UJehova wathi kuyo: Dabula emzini , phakathi kweJerusalema , ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.

UJeremiya 11:14

Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu , ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.

UJeremiya 31:9

Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo , ngokuba nginguyise ka - Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.

UJeremiya 48:5

Ngokuba bakhuphuka egqumeni laseLuthite , bekhala njalo , nasekwehleni ukuya eHoronayimi bezwile usizi lokukhala kwencithakalo.

UJeremiya 50:4

Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi , usho uJehova, bayakufika abantwana bakwa-Israyeli, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, behamba bekhala, befuna uJehova uNkulunkulu wabo.

UJoshuwa 24:7

Lapho bekhala kuJehova , wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo , wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.

UNehemiya 9:28

Kepha sebephumulile , babuye benza okubi ebusweni bakho ; wawusubashiya esandleni sezitha zabo , zaze zabusa phezu kwabo ; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe , wena wabezwa usezulwini , wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu,

UNumeri 11:10

UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo , kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe ; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.

UNumeri 11:2

Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla.