Skip to Content

"beza"

67 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:18

Basuka kwaMidiyani , beza ePharanu ; bathatha amadoda ePharanu , baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.

1 AmaKhosi 12:3

kepha bathuma bambiza -- uJerobowamu nebandla lonke lakwa -Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi:

1 iziKronike 7:22

U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.

1 kwabaseKorinte 15:35

Kepha omunye uyakuthi: Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?

1 uSamuweli 14:25

Abantu bonke beza ehlathini; kwakukhona izinyosi phansi.

1 uSamuweli 22:11

Inkosi yayisithumela ukubiza u -Ahimeleki umpristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abapristi ababeseNobi; beza bonke enkosini.

1 uSamuweli 26:1

AbaseZifi beza kuSawule eGibeya , bathi: UDavide akacashi yini entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane na?

2 iziKronike 10:3

Bathuma bambiza ; uJerobowamu naye wonke u -Israyeli beza , bakhuluma kuRehobowamu, bathi:

2 iziKronike 24:11

Kwathi ngesikhathi umphongolo owayiswa ngaso ezinduneni zenkosi ngesandla samaLevi , nalapho zibona ukuthi imali iningi , umbhali wenkosi nenduna yompristi omkhulu beza , bawuthulula umphongolo , bawuthatha, bawubuyisela endaweni yawo . Benze njalo imihla ngemihla , baqoqa imali eningi.

2 iziKronike 30:11

Kepha abathile babakwa-Asheri nabakwaManase nabakwaZebuloni bazithoba, beza eJerusalema.

2 iziKronike 31:8

Lapho uHezekiya nezikhulu beza ukuzibona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli.

2 uSamuweli 24:20

U-Arawuna walunguza , wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye ; u- Arawuna waphuma , wakhothama phambi kwenkosi , ubuso bakhe bubheke phansi.

AmaHubo 65:2

Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.

IzEnzo 12:20

Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni ; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi , bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.

IzEnzo 13:51

Bona-ke babavuthululela uthuli lwezinyawo zabo, beza e-Ikoniyu.

IzEnzo 17:13

Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku.

IzEnzo 19:18

nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo.

IzEnzo 23:14

Bona base beza kubapristi abakhulu nasemalungeni , bathi: Sizibophe ngesilokothelo sokuthi asiyikuzwa ukudla size simbulale uPawulu.

IzEnzo 28:15

Abazalwame sebezwile ngathi basuka khona , beza ukusihlangabeza baze bafika e -Aphiyo Foru naseTresi Thaberne ; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

IzEnzo 28:23

Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi , wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu , wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi , kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

IzEnzo 28:9

Kwathi lokho sekwenzekile , beza nabanye abasesiqhingini abanezifo , baphulukiswa,

IzEnzo 9:39

Wayesesuka uPetru , wahamba nabo . Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala , bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

NgokukaJohane 10:41

Nabaningi beza kuye , bathi: UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.

NgokukaJohane 12:9

Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho . Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela , kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.

NgokukaJohane 1:39

Wathi kubo: Wozani nibone. Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona ; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.

NgokukaJohane 20:3

Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.

NgokukaJohane 21:8

Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili , bedonsa inetha linezinhlanzi.

NgokukaJohane 3:23

Naye uJohane wayebhapathiza e -Enoni eduze neSalimi , ngokuba amanzi ayemaningi lapho; beza babhapathizwa.

NgokukaJohane 3:26

Base beza kuJohane , bathi kuye : Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.

NgokukaJohane 4:30

Baphuma emzini, beza kuye.

NgokukaJohane 8:2

Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini ; abantu bonke beza kuye ; wayesehlala phansi, wabafundisa.

NgokukaLuka 1:59

Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana , bamqamba ngegama likayise uZakariya.

NgokukaLuka 21:38

Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.

NgokukaLuka 5:7

Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze , bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.

NgokukaLuka 9:12

Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili , bathi: Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo , bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.

NgokukaMarku 11:27

Babuye bafika eJerusalema ; kwathi ehamba ethempelini , beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga,

NgokukaMarku 12:14

Beza bathi kuye : Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu , kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso . Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha ? Sithele nokuba singatheli na?

NgokukaMarku 16:2

Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga.

NgokukaMarku 1:45

Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala ; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.

NgokukaMarku 2:18

Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla ; beza bathi kuye : Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla , kodwa abafundi bakho bangazili na?

NgokukaMarku 2:3

Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane.

NgokukaMarku 3:13

Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye.

NgokukaMarku 5:14

Ababezalusa babaleka , baya babika emzini nasemaphandleni ; base beza ukuyobona okwenzekileyo.

NgokukaMarku 6:29

Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho , beza b athatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni. UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu (Math. 14:13; Luk. 9:12; Joh. 6:1)

NgokukaMarku 6:35

Kwathi isikhathi sesihambile , beza kuye abafundi bakhe , bathi: Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile;

NgokukaMarku 9:33

Base beza eKapernawume . Kwathi esengene endlini , wababuza wathi : Beniphendulana ngantoni endleleni na?

NgokukaMathewu 14:15

Selishonile, abafundi bakhe beza kuye , bathi: Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.

NgokukaMathewu 16:1

AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.

NgokukaMathewu 17:24

Kwathi ukuba bafike eKapernawume , abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?

NgokukaMathewu 24:3

Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini , nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?

NgokukaMathewu 26:17

Kepha ngosuku lokuqala lwe sinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?

NgokukaMathewu 28:1

Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba.

NgokukaMathewu 28:13

bathi: Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.

NgokukaMathewu 3:7

Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo : Nzalo yezinyoka , ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?

NgokukaMathewu 5:1

Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye.

U-Eksodusi 18:15

UMose wathi kumukhwe wakhe: Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu.

U-Eksodusi 18:16

Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.

U-Eksodusi 35:22

Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo , baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide , bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova.

U-Eksodusi 36:4

Bonke abahlakaniphileyo ababeyisebenza yonke imisebenzi yendlu engcwele beza, kwaba yilowo nalowo wavela emsebenzini wakhe owawusebenzayo,

U-Isaya 60:4

Phakamisa amehlo akho nxazonke , ubone; babuthana bonke, beza kuwe ; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.

UGenesise 14:7

Base bebuyela emuva , beza e -Eni Mishipati eliy iKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari.

UGenesise 34:20

OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi , bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi:

UGenesise 47:15

Isiphelile imali ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani , bonke abaseGibithe beza kuJosefa , bathi: Siphe ukudla ; siyakufelani phambi kwakho na? Ngokuba isiphelile imali.

UGenesise 47:18

Usuphelile lowo mnyaka , beza kuye ngomnyaka wesibili , bathi kuye : Asiyikufihlela inkosi ukuthi imali yethu yonke isiphelile ; imihlambi yezinkomo isingeyenkosi ; akukho okuseleyo emehlweni enkosi ngaphandle kwemizimba yethu namazwe ethu.

UJeremiya 36:9

Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye bonke abantu baseJerusalema nabo bonke abantu ababevela emizini yakwaJuda beza eJerusalema , bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova.

UJeremiya 40:13

UJohanani ind odana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazisendle beza kuGedaliya eMispa,

UNumeri 32:2

abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose , naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi: