Skip to Content

"beze"

21 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 16:5

Wathi: Yebo, kunokuthula; ngize ukuhlabela uJehova ; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni. Wabangcwelisa uJese namad odana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.

1 uSamuweli 22:3

UDavide wasuka khona , waya eMispa lakwaMowabi , wathi enkosini yakwaMowabi: Ake beze ubaba nomame , bahlale kini , ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.

2 AmaKhosi 20:14

Wayesefika u -Isaya umprofethi enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude eBabele.

2 iziKronike 30:1

UHezekiya wathumela kuye wonke u -Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema , bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika.

2 kaPetru 3:9

INkosi ayilibali ngesithembiso sayo , njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

AbAhluleli 4:10

UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi ; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe ; naye uDebora wakhuphuka naye.

IsAmbulo 3:9

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga ; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.

IzEnzo 17:15

Abamphelekezelayo uPawulu bamfikisa e -Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka. UPawulu ushumayela e-Athene

IzEnzo 24:8

eyala abambeka icala ukub a beze kuwe , ukuze umbuzisise wena uqobo , uzwe ngakho konke esimmangalela ngakho.

NgokukaLuka 18:16

Kodwa uJesu wababizela kuye , wathi: Vumelani abantwana beze kimi , ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

NgokukaLuka 5:7

Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze , bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.

NgokukaMarku 10:14

Kodwa uJesu ekubona wathukuthela , wathi kubo : Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

NgokukaMarku 16:1

Selidlulile isabatha , oMariya Magd alena, noMariya unina kaJakobe , noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

NgokukaMathewu 11:24

Kepha ngithi kini : Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe. UJesu uyamdumisa uYise, emema abahluphekileyo beze kuye (Luk. 10:21)

U-Isaya 39:3

Wayesefika u -Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.

U-Isaya 66:20

Bayakuletha bonke a bafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi, nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova , beze entabeni yami engcwele eJerusalema , usho uJehova, njengalokhu abantwana bakwa -Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.

UDaniyeli 3:2

UNebukadinesari inkosi wayesethumela ukubutha izikhulu , nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathizikhwama, nabomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda ukuba beze ekwahlukaniselweni kwesithombe uNebukadinesari inkosi asimisileyo.

UGenesise 31:4

UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.

UGenesise 47:5

Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: Uyihlo nabafowenu beze kuwe;

UJeremiya 25:29

Ngokuba bheka , ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami ; nina beniyakuba ngabangenacala na ? Aniyikuba ngabangenacala , ngokuba ngiyakubiza bonke abakhil eyo emhlabeni beze enkembeni , usho uJehova Sebawoti.

UNumeri 25:2

ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo ; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.