Skip to Content

"bube"

32 occurrences in ZUL

2 kwabaseKorinte 4:7

Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba , ukuze ubukhulu b amandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.

AmaHubo 104:30

Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.

IzAga 15:13

Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle , kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.

U-Eksodusi 25:10

Bayakuwenza umphongolo ngomuthi wom tholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye , ububanzi bawo bube yingalo nenxenye , nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 25:17

Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo , ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 25:23

Uyakulenza itafula ngomuthi womtholo , ubude balo bube yizingalo ezimbili, ububanzi balo bube yingalo , nokuphakama kwalo kube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 26:16

Ubude bamapulangwe bube yizinga lo eziyishumi , ububanzi bawo bube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 26:2

Ubude besilenge sinye bube yizingalo ezingamashumi amabili nesishiyagalombili, ububanzi baso bube yizingalo ezine , zonke izilenge zilingane.

U-Eksodusi 26:8

Ubude bezi lenge bube yizingalo ezingamashumi amathathu , ububanzi bezilenge bube yizingalo ezine, lezi zilenge eziyishumi nanye zilingane.

U-Eksodusi 27:1

Wolenza i -altare ngomuthi womtholo , ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube yizingalo eziyisihlanu, i-altare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.

U-Eksodusi 27:11

Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge , ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu , nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili , nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi ; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

U-Eksodusi 27:12

Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube khona izilenge, ububanzi bazo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , izinsika zazo zibe yishumi, nezinyawo zazo zibe yishumi.

U-Eksodusi 27:13

Ububanzi begceke ngasempumalanga ohlangothini olungasempumalanga bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu.

U-Eksodusi 27:18

Ubude begceke boba yizingalo eziyikhulu , ububanzi bube ngezamashumi ayisihlanu njalo , ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu , bube yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibe yithusi.

U-Eksodusi 27:9

Wolenza igceke letabernakele ; ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;

U-Eksodusi 28:16

Masibe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo , siphindwe kabili ; ubude baso bube njengokudazuluka kweminwe , nobubanzi baso bube njengokudazuluka kweminwe.

U-Eksodusi 30:2

Ubude balo bube yingalo , nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo ; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili , izimpondo zalo zibe kunye nalo.

U-Ezra 6:3

Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi , uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuthi : Ngendlu kaNkulunkulu eseJerusalema , indlu mayakhiwe endaweni lapho benik elela khona ngemihlatshelo , zibekwe izisekelo zayo , ziqine, ukuphakama kwayo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi bayo bube yizingalo ezingamashumi ayisithupha;

U-Isaya 42:16

Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo ; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola ; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe ; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.

U-Isaya 5:20

Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle , nokuhle ukuthi kungububi , ababeka ubumnyama bube ngukukhanya , nokukhanya kube ngubumnyama , babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!

UDuteronomi 25:2

kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe.

UGenesise 6:15

Yikho lokhu ozakukwe nza: ubude bomkhumbi buyakuba yizingalo ezingamakhulu amathathu , ububanzi bawo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi amathathu.

UHezekeli 3:8

Bheka, ngenze ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo , nebunzi lakho libe nqala njengamabunzi abo.

UHezekeli 45:1

Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo , okungcwele kwezwe , ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi , kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.

UHezekeli 48:13

Maqondana nomkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi, bonke ubude bube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.

UHezekeli 48:8

Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo , ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amab ili nanhlanu , ubude bube njengesinye sezabelo , kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.

UHezekeli 48:9

Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.

UHezekeli 7:11

Ubudlova buyavuka , bube yintonga yokubi , kungasali muntu kubo nasesixukwini sabo, kungasali lutho emfuyweni yabo nasebukhosini babo.

UHoseya 14:6

Imixhantela yakhe iyakuxhantela , ubuhle bakhe bube njengomnqumo , iphunga lakhe libe njengeLebanoni.

UJeremiya 15:18

Yini ukuba ubuhlungu bam i bube khona n jalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?

UJoweli 2:20

Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga , kukhuphuke ukunuka kwakhe , kwenyuke iphunga lakhe elibi; ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

UNumeri 15:31

Ngokuba udelele izwi likaJehova, nomyalo wakhe uwaphulile; lowo muntu uyakunqunywa impela, ububi bakhe bube phezu kwakhe. Ukukhandwa ngamatshe kowaphulile umyalelo wesabatha