Skip to Content

"bukajehova"

36 occurrences in ZUL

1 iziKronike 16:33

Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabul a ebusweni bukaJehova , ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.

2 iziKronike 13:8

Manje nit hi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide , lokhu niyisixuku esikhulu , futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.

2 uSamuweli 21:1

Kwaba khon a indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova . UJehova wathi : Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi , ngokuba wabulala abaseGibeyoni.

2 uSamuweli 6:5

UDavide kanye nendlu yonke k a-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi , namahabhu, nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.

AbAhluleli 5:5

Izintaba zathuthumela ebuswen i bukaJehova, yebo, nalo iSinayi lelo , ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

AmaHubo 116:9

Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.

AmaHubo 25:14

Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo ; uyakubazisa isivumelwano sakhe.

AmaHubo 27:4

Kunye engikucele kuJehova , ngiyakufuna khona : ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwam i ukubona ubuhle bukaJehova , ngibuke ithempeli lakhe.

AmaHubo 34:16

Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okub i ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

AmaHubo 96:13

ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.

AmaHubo 98:9

ebusweni bukaJehova , ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba . Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.

IsiLilo 4:16

Ubuso bukaJehova buyabahlakaza , akasayikubanakekela. Abahloniphi ubuso babapristi, kababanga namusa kumalunga.

U-Eksodusi 12:42

Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugc inwa yibo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo. Umthetho wephasika

U-Eksodusi 28:38

Uyakuba sebunzini lika -Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele , abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.

U-Eksodusi 6:12

UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova , wathi: Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga ; uFaro angangilalela kanjani , nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?

U-Eksodusi 6:30

Wayesethi uMose ebusweni bukaJehova: Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?

U-Isaya 24:14

Laba bayaphakamisa izwi labo , bamemeze; bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.

UDaniyeli 9:13

Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele , nokho asincenga nga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.

UGenesise 10:9

Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova ; ngalokho kuthiwa : Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.

UGenesise 18:22

Ayesefulathela lapho amadoda , aya ngaseSodoma, kepha u -Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.

UGenesise 19:13

ngokuba siyakuyichitha le ndawo , lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.

UGenesise 19:27

U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova.

UGenesise 27:7

Ngilethele inyamazane , ungilungisele isilovela , ukuze ngidle , ngikubusise ebusweni bukaJehova ngingakafi.

UGenesise 3:8

Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga ; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.

UGenesise 4:16

Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova , wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene. Inzalo kaKayini

UGenesise 6:11

Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova ; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.

UJeremiya 4:26

Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane , nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

UJobe 1:12

Wathi uJehova kuSathane : Bheka, konke anakho kusesandleni sakho ; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho . Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.

UJobe 2:7

Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova , wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.

UJona 1:10

Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu , bathi kuye : Kuyini lokh u okwenzileyo na? Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova , lokhu ebatshelile.

UJona 1:3

Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi , wehlela eJopha , wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi ; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo , aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.

UJoshuwa 18:7

Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu , lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo ; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.

ULevitikusi 4:4

ayiyise inkunzi ebusweni bukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, abeke isandla sakhe enhloko yenkunzi, ayihlabe inkunzi phambi kukaJehova.

UNumeri 3:4

ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova , benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza o -Eleyazare no -Itamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka - Aroni uyise.

UZakariya 8:21

bahambe abakhileyo komunye , baye komunye , bathi: M asiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova , simfune uJehova Sebawoti ; nami ngiyakuhamba.

UZakariya 8:22

Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.