Skip to Content

"buthanani"

9 occurrences in ZUL

U-Amose 3:9

Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase -Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe , nithi: Buthanani ezintabeni zaseSamariya , nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.

U-Isaya 45:20

Buthanani nize , nisondelane ndawony e nina bakhululekileyo bezizwe ; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi , bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.

U-Isaya 48:14

Buthanani nina nonke , nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na ? Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele , nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.

UGenesise 49:1

UJakobe wabiza amadodana akhe , wathi: Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.

UJeremiya 49:14

Ngizwile imibiko evela kuJehova ; kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi: Buthanani, nilihlasele, nisukele ukulwa.

UJeremiya 4:5

Khulumani kwaJuda , nizwakalise eJerusalema, nithi: Bethani amacilongo ezweni, nimemeze nithi: Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.

UJeremiya 8:14

Sihlalelani na ? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona , ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile , wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.

UNehemiya 4:20

Noma kuyiphi indawo lap ho nizwa khona ukubethwa kwecilongo , buthanani khona, nize kithi; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.

UZefaniya 2:1

Buthanani, yebo, buthana, sizwe esingenamahloni,